UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, wethemba ukuthi okwenziwe yileli qembu lesizwe lebhola labesifazane eNdebeni yoMhlaba, kuzosheshisa uhlelo lokuqala iligi yabesifazane ekhokhelayo eNingizimu Afrika.
IBanyana ikhishwe eNdebeni yoMhlaba izolo kwiLast 16 ngesikhathi ishaywa yiNetherlands ngo 2-0 e-Allianz Stadium, eSydney, e-Australia.
Ezika-Ellis zenze kangcono kunezakwenza zidlala okokuqala kulo mqhudelwano eFrance ngo-2019 lapho ezingazange zinqobe nowodwa umdlalo, zaguqa ekuseni.
Kulokhu zishaywe yiSweden ngo 2-1 kowokuqala wamaqoqo, zadlala ngokulingana ngo 2-2 ne-Argentina, zanqoba okokuqala zehlula i-Italy ngo 3-2 kowokugcina weGroup, okuwumphumela eziqophe ngawo umlando ziba yiqembu lokuqala lakuleli ukungena esigabeni somkhululajezi kweyomhlaba.
U-Ellis ukholwa wukuthi ukuba neligi ekhokhelayo kuzosiza iqembu ukuthi lithuthuke kakhulu ngaphambi kweNdebe yoMhlaba elandelayo ngo-2027.
Okwamanje iligi kazwelonke yakuleli, iHollywoodbets Super League isesigabeni sama-amesha. Ngaphansi kwayo kukhona eyezifundazwe, iSasol Provinvial League.
"Ngicabanga ukuthi sidinga iligi ekhokhelayo. Kubaluleke kakhulu. Sineligi yama-amesha ekhaya, nokuthi abadlali baphume badlale kuleli zinga uma beqhathaniswa namazwe adlala emazingeni aphezulu, kukhombisa ukuthi sinabo abadlali abanekhono," kusho u-Ellis esithangamini seFifa ngemuva komdlalo.
"Sinxusa wonke umuntu ezwennikazi i-Afrika ukuthi asisize, hhayi thina kuphela. Sibe namazwe amathathu kwamane ase-Afrika angene kwi-Last 16. Okwenzekile ekhaya (umbango wamabhonasi) ngaphambi kokuthi siye kulo mqhudelwano, bekumele kwenzeke kusenesikhathi. Nginesiqiniseko sokuthi sifunde izifundo eziningi.
"Angazi ukuthi into ekhethekile kanje ingazitshwa kanjani. Kufanele silekelelwe ukuze siqhubeke nokuthuthuka. Sisenabo abadlali abafana noKaylin (Swart) okumele basebenze bese ntambama beyoziqeqesha namaqembu abo. Ngicabanga ukuthi lokho akwamukelekile uma ubheka okuzuzwe yileli qembu.
"Izinkampani kumele zisukume zisize. Uma kungenzeki lokho sizobhekana nezingqinamba ezifanayo eminyakeni emine ezayo. Uma siluthola usizo ngeke kuthuthuke iqembu elikhulu kuphela kodwa kuzosiza nalawa amancane."
Mayelana nomdlalo wayizolo neNetherlands, u-Ellis ukholwa wukuthi iqembu lingaziqhenya ngendlela eliphinde lalwa ngayo yize lilahlekelwe ngabadlali ababili abamqoka ngenxa yokulimala esiwombeni sokuqala.
IBanyana ibiqale umdlalo ngaphandle kukakaputeni wayo uRefiloe Jane ngenxa yokulimala.
Kubhede kakhulu ngesikhathi umgadli uJermaine Seoposenwe, nomdlali wasemuva uBambanani Mbane, belimala esiwombeni sokuqala.
Izindawo zabo zithathwe nguWendy Shongwe noTiisetso Makhubela abafike bawenza umehluko kulo mdlalo.
“Besibona sengathi singawunqoba lo mdlalo, bekufanele sisebenzise amathuba esiwatholile kodwa asizange siwathathe,” kusho u-Ellis.
“Ukulahlekelwa nguBambanani noJermaine esiwombeni sokuqala nakho akusizanga kodwa besinesikwati sabadlali abangu-23. Ngicabanga ukuthi laba abanye abangenile benze kahle kakhulu. Sibe neshwa kodwa siyazi ukuthi ukulimala kwabadlali kuyingxenye yalo mdlalo.
"INingizimu Afrika yonkana kufanele iziqhenye kakhulu ngaleli qembu. Ngiyazi ukuthi bavuke ngovivi futhi wonke umuntu ubelindele ukunqoba kodwa sidlale neqembu elihle kakhulu," kuphetha u-Ellis.
I-Netherlands izobhekana ne-Ethiopia kuma-quarterfinal ngoLwesihlanu. Ompetha bango-2019, i-USA nabo baphumile bekhishwa yiSweden kumaphenathi.