EYOKUBHIYOZELA ukunqoba indebe yeCarling Knockout sebeyibeke eceleni abadlali beMagesi FC, sebegxile ngokuphelele ekulweleni ukuqoqa amaphuzu kusakhanya emidlalweni yeBetway Premiership, ukugwema amathonsi abanzi.
Usho kanje umdlali wasesiswini kwiMagesi, uDeolin Mekoa, ezakhe ezibuyela enkundleni ngomdlalo omqoka wePremiership eziyowudlala neChippa United ngo-8 ebusuku, eBuffalo City Stadium, eMonti,
UMekoa (31) odabuka eWentworth, eThekwini, noyinjini yasesiswini kwiMagesi ubekhona ezakhe zimangaza abaningi ngokuguqisa iMamelodii Sundowns ngo 2-1 kowamanqamu eCarling Knockout, ngempelasonto edlule eFree State Stadium, eBloemfontein.
Nakuba leli qembu laseLimpopo, lisanda kudla isicoco somkhumulajezi kodwa lisenenselelo yokwenza kahle nasemidlalweni yeligi ngoba lisanqobe umdlalo owodwa kuphela kweyisithupha elisayidlalile.
“Kungumuzwa omnandi kuwo wonke umdlali webhola ukuphakamisa indebe, yingakho mina nozakwethu sibhiyozele indebe yeCarling impelasonto yonke.
“Nokho manje sewuphelile umbhiyozo njengoba sibuyele enkundleni ukuyozilolongela umdlalo wethu omqoka weligi esiyowudlala neChippa ekuhambeni,” kusho uMekoa, obeqala ukuphakamisa indebe kwiPremiership kusukela aqala ukudlala kulesi sigaba ngesizini ka-2014/15 kwiMaritzburg United.
“Sikuqonda kahle ukubaluleka kokuthi senze kahle nasemidlalweni yeligi ngoba asifuni nangephutha ukuzithola ekupheleni kwesizini sesibalwa namaqembu avika izembe.
“Umqeqeshi uClinton (Larsen) nethimba lakhe basidonse ngendlebe ngokubaluleka kokuthi sikhohlwe manje ukubhiyozela indebe, sigxile ekulweleni ukubuya namaphuzu emidlalweni elandelayo esisayoyidlala.
“Siyazi lapho esiphuma kwiMotsepe Foundation Championship ukuthi kunzima kangakanani ngakho akekho ofuna ukubuyela khona. Yingakho sifuna ukusebenza kusenesikhathi siqoqe amaphuzu sisuke kule ndawo esikuyona njengamanje.”
UMekoa uthe balindele umdlalo onzima kwiChippa izinto ezingayihambeli kahle muva nje kweyePremiership, nokwenza kube yingozi ukubhekana nayo.
“Siyazi ukuthi umdlalo wethu neChippa ngeke ube lula neze kodwa sizimisele ukulwela ukubuya namaphuzu kulo mdlalo. Empeleni nje siyazi ukuthi imidlalo yethu elandelayo esisazoyidlala namanye amaqembu izoba nzima ngoba noma yiliphi iqembu elibhekana nathi lizozimisela ngenxa yokuwina kwethu i-Carling Knockout.”
IMagesi okumanje isendaweni ka-12 kwi-log yePremiership, isalelwe yimidlalo emine ngaphambi kwekhefu lamaholide okuphela konyaka. Izobhekana neChippa (ekuhambeni), Marumo Gallants (ekuhambeni), Supersport United (ekuhambeni), bese ivala nge-Orlando Pirates ngoDisemba 29 (ekhaya).