UPHOXEKILE ngendlela iqembu lakhe eliqale ngayo umdlalo ngegiya eliphansi ngesikhathi lidlala ngokulingana ngo 1-1 neCape Town Spurs koweDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu ebusuku, umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin.
ISpurs ibihamba phambili ngo 1-0 ngesikhathi kuyiwa ekhefini ngegoli elibekwe enethini nguLuke Baartman sekuzophela isiwombe sokuqala. UCelimpilo Ngema ushayele Usuthu elokulinganisa sekusele imizuzu engaphezudlwana kwengu-10 umdlalo uphela, kwathi seluzama ukuthola elokunqoba lwaphelelwa yisikhathi.
“Ngicabanga ukuthi sakhe amathuba acacile kunabo (iSpurs) ngokwezibalo zomdlalo. Nebhola siliphathe kakhulu kunabo. Bawatholile nabo amathuba ngabadlali ebesivele sazi ukuthi bayingozi,” usho kanje lo mqeqeshi.
“Bekufanele sidlale kangcono, asidlalanga kahle esiwombeni sokuqala. Besingenawo umfutho esijwayele ukudlala ngawo kule sizini. Angazi ukuthi kwenzekani kodwa kumele sithole isizathu salokho. Emidlalweni emithathu edlule esiyidlalile kule nkundla ngibone iqembu libhekene nobunzima obufanayo ngasekuqaleni komdlalo. Angazi noma yinkundla noma isimo sezulu.
“Iqiniso wukuthi besilele kodwa sagcina sivukile. Sidinga ukuzazi ukuthi singobani. Siyiqembu elingakwazi ukusebenzisa amathuba amaningi esiwakhayo. Uma sivumela izitha ukuthi zishaye igoli kubanzima ukubuya sinqobe umdlalo, ngicabanga ukuthi sisakwenze kanye lokho.
“Bekungafanele sivumele igoli elifana naleli esilingenisile ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini. Uma ungangenelwa goli kusho ukuthi uma uphaphama esiwombeni sesibili uyakwazi ukushaya elilodwa bese uwathatha womathathu amaphuzu. Kufanele siqonde ukuthi uma sesinqobe umdlalo owodwa, sidinga ukwenza okuthe xaxa ukuze sinqobe nolandelayo.”
Lo mphumela ushiye Usuthu endaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-15. UMartin uthe isimo abakusona asisibi njengoba bebhekane noezingqinamba ezahlukene emzuliswaneni wokuqala wesizini.
“Ngiphoxekile ngalo mphumela kodwa kufanele sikubheke konke esikwenze ngesiwombe sokuqala sesizini. Ngicabanga ukuthi sithole isibalo samaphuzu esingcono uma kuqhathaniswa namanye amasizini. Amaqembu afana ne-Orlando Pirates athole amaphuzu angu-19 emidlalweni yawo yokuqala engu-15 ngesizini edlule,” uphethe kanje.
Usuthu seluzobheka ukuqoqa amanye amaphuzu uma seludlala umdlalo wokugcina walo nyaka neRoyal AM ngoLwesihlanu eMoses Mabhida Stadium.