ONGUMQEQESHI waMaZulu FC uPablo “Cijimpi” Martin, uthi imphatha kabi eyokwehlelwa yizinga kwezakhe ngomzuliswano wesibili wesizini nosekuholele ekutheni zizithole zitabalasa kanzima ekulweleni ukuqeda isizini kwiTop 8.
AmaZulu azobhekana neLamontville Golden Arrows kowabakhaya baseThekwini weDStv Premiership nokungowusonga isizini, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-3 ntambama.
Aya kulo mdlalo asemshikashikeni wokuzibekisela indawo kwiTop 8 njengoba esendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership.
Ehlukaniswe ngumehluko wamagoli kuphela neKaizer Chiefs ehlezi ngesinqe esisodwa endaweni yesishiyagalombili kwi-log, nokwenza lo mdlalo wayo womkhaya ne-Arrows ube ngobaluleke kakhulu nongawenza azithole engena ngentuba kwiTop 8 uma iChiefs ingalahla amaphuzu emdlalweni wayo wokusonga neCape Town Spurs, kusasa e-Athlone Stadium, eKapa.
“Yangijabulisa kakhulu indlela esayiqala ngayo isizini. Ekuqaleni kwesizini besingelinye lamaqembu abedlala kangcono kakhulu, kodwa ngomzuliswano wesibili sazithola sehlelwe kakhulu yizinga.
Yinto engikhathaze kakhulu leyo, angifuni ukuqamba amanga. Nokho, ngakolunye uhlangothi ngijabule ngendlela esikhombisa ngayo ukubuyelwa umgqigqo wethu njengoba siqeda sidlala kahle futhi sibalwa namaqembu alwela ukuqeda endaweni engcono kwi-log,” kusho uMartin.
“Lokhu kunginika ithemba elikhulu lokuthi ngesizini ezayo sizoba yiqembu elingcono kakhulu, elizobe lilwela ukuba phakathi kwamaqembu aphezulu kwi-log.”
Ephawula ngokubhekana ne-Arrows kowomkhaya, uthe: “Ababanga nesizini enhle (abe-Arrows) kodwa futhi abahlulwanga imidlalo eminingi, ngakho bayiqembu okungelula ukubhekana nalo.
Ngeke nangephutha sibathathe kancane ngoba nakhu sibahlulile kabili kule sizini emidlalweni weligi nowomkhumulajezi. Silindele umdlalo onzima womkhaya, kodwa esizimisele ngokuwunqoba.”
Nakuba ngokwamaphuzu Abafana Bes’thende bengeke besakwazi ukuzibekisela indawo kwiTop kodwa umdlalo ubalulekile ekulweleleni ukubuyisa isithunzi kowabakhaya baseThekwini. Emzuliswaneni wokuqala weligi bathola isibhaxu sika 3-1, Usuthu lwabaphinda ngo 3-0 emdlalweni weCarling Black Label Knockout.