ISITOBHA saMaZulu FC, uRiaan Hanamub, asifuni baphazanyiswe yizinkulumo ezilokhu zisabalele zokuthi ulengelwa yizembe lokuxoshwa umqeqeshi wabo uBrandon Truter ngenxa yemiphumela yakamuva engagculisi.
USuthu luzicijela ukubhekana neKaizer Chiefs emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8, eFNB Stadium, eNasrec, ngeSonto ngo-3.30 ntambama. Amehlo azobe ebheke kuTruter okunezinkulumo zokuthi uhlezi ngesinqa esisodwa Osuthwini.
AmaZulu awayazi iwini emidlalweni emine yakamuva yeDStv Premiership. Ngesonto eledlule, umengameli woSuthu, uSandile Zungu, ukuchithile ukuthi uTruter ulengelwa yizembe nokuthi sebecuphe ngoFadlu Davids uma izinto zingashintshi eqenjini. UZungu wathi sekujwayele ukuthi uma bezoba nomdlalo omkhulu kube nezinkulumo ezizama ukudunga iqembu.
UHanamub waseNamibia uthe akufanele lezi zinkulumo bazifake ekhanda bengabadlali.
"Amahlebezi ayohlala ekhona kodwa singabadlali akufanele asiphazamise. Ngesikhathi sezivunguvungu kufanele sibambane sihambe indlela eyodwa ngoba umqeqeshi nethimba lonke basihlomisa ngazo zonke izikhali ezifanele ukuze sibe ngabadlali abangcono ngabodwana futhi sibe yiqembu elingcono," kusho uHanamub.
"Emaphuzwini angu-12 (emidlalweni edlule) sithole elilodwa kuphela. Akuyona into ebesiyifuna leyo. Ngicabanga ukuthi ukulimala kwabadlali nokuthola amakhadi kwabanye kube nomkhulu umthelela endleleni esidlala ngayo kamuva. Kodwa izivunguvungu azilutho uma unesibindi. Sisebenza kanzima ejimini ukwenza isiqiniseko sokuthi siwulungele umdlalo weMTN8 neKaizer Chiefs."
AmaZulu azibekisele indawo kowandulela owamanqamu emuva kokukhipha iCape Town City. Anethuba lokuqeda ishobolo leminyaka lokungawini izindebe njengoba iqembu lagcina ukuphakamisa iCoca-Cola Cup ngo-1993. Emibandeleni ebekwe wuZungu kule sizini, wukuthi ufuna okungenani indebe eyodwa.
Yisimo esifanayo kwiChiefs engakafinyeleli ezingeni elijabulisa abalandeli. NaseNaturena abalandeli sebeqala ukungenami ngomqeqeshi u-Arthur Zwane. Ngempelazonto edlule, iRoyal AM yephuce Amakhosi ithuba lokubuyisa umuzwa wokuwina indebe ngesikhathi iyehlula kwiMacufe Cup eFree State.
IChiefs yagcina ukunqoba indebe enomsoco ngesizini ka-2014/2015 ithatha isicoco seligi nayo iMTN 8.
"Kuzoba wumdlalo omkhulu. Womabili amaqembu azodlalela ukuwina. Esikudingayo nje wukukholelwa kithina nasethimbeni labaqeqeshi esinalo ngoba ngokwezinga labadlali singawina okuyinto engasehlisela ingcindezi ngaphambi kowomlenze wesibili," kusho uHanamub.
Umlenze wesibili walo mdlalo uzobanjelwa eThekwini, eMoses Mabhida Stadium ngo-Okthoba 23.