UNETHEMBA lokuthi amaphutha akamuva ngeke aphazamise imiphumela yeqembu futhi ngeke abuye enzeke uma sebebhekene neLamontville Golden Arrows kowe-quarter-final yeCarling Black Label Knockout kusasa, unozinti waMaZulu FC uVeli Mothwa.
Usuthu luzotholana phezulu naBafana Bes’thende eMoses Mabhida Stadium ngo-7 ebusuku emdlalweni okuzobe kungowesibili kule nkundla namhlanje.
IRichards Bay ne-Orlando Pirates yibona abazovula inkundla nge-quartetfinal ezoqala ngo-3 ntambama.
UMothwa usolwe ngokuchilizela ibhola enethini yakhe ngesikhathi AmaZulu edlala ngokulingana ngo 1-1 neChippa United emdlalweni wokugcina weDStv premiership.
Uvumile ukuthi ubengenza kangcono ngesikhathi ezama ukunqaka ibhola kodwa ukholwa wukuthi umdlali weChilli Boys, u-Elmo Kambindu, umphushile.
“Akukho okuningi engingakusho ngoba wonke umuntu ukubonile okwenzekile. Njengokaputeni weqembu nanjengonozinti ngingasho ukuthi ngenze iphutha. Mhlawumbe bekumele ngivele ngilibambe kalula ibhola kodwa uma uphushiwe usuke uphushiwe, lokho ngeke kuphikiswe,” kusho uMothwa.
Usebheke ukudlulisa lokhu okwenzekile ngokufaka leli qembu kowandulela owamanqamu weCarling Black Label Knockout kodwa kumele liqale lidlule komakhelwane i-Arrows, esibahlule emidlalweni emithathu ilandelana.
Usuthu lwagcina ukunqoba Abafana Bes’thende emdlalweni weligi owawuseSugar Ray Xulu Stadium ngoMeyi 2021.
"Wumdlalo womkhaya futhi wonke umuntu uwulindele ngabomvu. Sidinga ukunqoba ukuze sidlulele emzuliswaneni olandelayo. Kuzoba nzima kodwa ekugcineni kufanele sizimisele,” uMothwa uqhube kanje.
“Asidingi ukugqugquzelwa ukuze siwine umdlalo. Njengomdlali, isifiso sokunqoba izindebe sihlale sikhona ukuze kuthi noma usuyeka ukudlala wazi ukuthi kukhona onakho. Ngeke sikuphikise ukuthi AmaZulu ayayidinga indebe ngoba sekunesikhathi eside iqembu lagcina ukunqoba. Ngicabanga ukuthi uma sizinikela kukhona esingakuthola kule sizini.”
Usuthu lucishe lwasiqeda isomiso sezindebe ngesizini edlule lufinyelela kowamanqamu eMTN8 kodwa lwaguqiswa yi-Orlando Pirates ngo 1-0 kowamanqamu. UMothwa unethemba lokuthi abadlali abasha abasayiniswe kule sizini bazowenza umehluko njengoba beqhubeka nemizamo yokunqoba indebe.
“Abanye abadlali bebengekho ngesizini edlule ngakho siyazama ukuthi singacabangi osekwenzekile. Sekudlulile futhi manje sibhekene nenselelo ehlukile. Ngokwezinga lokuzethemba esinalo kumele silwe, senze lokhu okufanele sikwenzele iqembu.”
AmaZulu agcina ukunqoba isicoco eshaya iKaizer Chiefs kowamanqamu eCoca Cola Cup ngo-1992. I-Arrows yagcina iphakamisa indebe yeMTN 8 ngo-2009.