KUVELE izimpawu zokuthi umgadli waMaZulu FC, uVictor Letsoalo usayibambele igqubu i-Orlando Pirates ngokwenzeke ngesizini edlule lapho eyiweze khona engaqondile yagcina igoduke nesicoco seNedbank Cup.
ULetsoalo osegadlela Usuthu ufisa ukuba senkundleni uma iqembu lakhe selibhekene nePirates kowe-quarter final yeNedbank ngo-Ephreli 13 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Esiwombeni sokuqala sowamanqamu eNedbank Cup ngesizini edlule ngesikhathi uLetsoalo esawumdlali weSekhukhune United, kwenzeka isimanga lapho ayezitshela ukuthi udlaliswe kabi wasethinta ibhola ngesandla esebhokisini.
Unondweba owayephethe umdlalo uThando Ndzandzeka walikhomba emlotheni, osekungumlando ukuthi uThapelo Xoki weZimnyama, wayishaya phakathi leyo phenathi elinganisa kweleBabina Noko, eyayibekwe phambili uSibusiso Vilakazi.
ULetsolalo osengumgadli woSuthu oluqhathwe nePirates kwi-quarterfinal yalo mqhudelwano kule sizini, akathandi ukukhuluma ngokwenzeka eLoftus Versfeldt ePitoli nyakenye.
Umdlalo wamanqamu usuyela ngasemaphethelweni, uTerrence Dvukamanja wabe eseshaya elanqobisa iPirates indebe, kwenza uLetsoalo wabukeka njengomuntu oyenzele phansi iSekhukhune.
ULetsoalo ubekhuluma nabezindaba muva nje njengoba kubuywe ekhefini lemidlalo yeFifa.
Okusobala ukuthi akathandi ukukhuluma ngalesi sigameko ngoba sibe sematheni isikhathi eside, kodwa ngokwakhe sakafihli ukuthi isamphethe kabi.
“Nanamuhla kukhona lapho kusathiwa khona ngenxa yami iPirates ibe ngompetha beNedbank okuyinto engiphathe kabi kakhulu ngoba (namanje) ngeke ngikwazi ukukuchazela ukuthi kwenzekani ngaloluya suku.
“Njalo uma ngibuzwa ngalento kuba sengathi ngiyabulawa futhi. ”Kuyisebenzele iPirates yawina ngesizini edlule, ngakho-ke asilinde sibone ukuthi kuzoyisebenzela yini nakulena,” kuqhuba yena sakusongela iBucs.
Usuthu olungahleli ngokukhululeka kwi-log yeDStv Premiership lunomdlalo weligi omqoka ngaphambi kokucabanga ngePirates kwiNedbank.
Alukanqobi kwiligi selokhu kubuywe ekhefini leFifa. Kuleli sonto lubambane ngo 0-0 nePolokwane City ludlalela ekhaya.
Sekumele luyozama ukuthola amaphuzu amathathu nokubuyisa ukuzethemba uma seludlala neCape Town City kusasa ngo-3 ntambama ekuhambeni.
Imidlalo yama-quarterfinal eNedbank Cup:
Ephreli 12 - University of Pretoria v Mamelodi Sundowns (7pm, Lucas Moripe Stadium).
Ephreli 13 - Stellenbosch v SuperSport United (3pm, Danie Craven); AmaZulu v Orlando Pirates (6pm, Moses Mabhida Stadium).
Ephreli 14 - TS Galaxy v Chippa United (3pm, Mbombela Stadium).