USIHLALO woMsinga United usihlaba uyasihlikiza isenzo sodlame esenzeke ngesonto eledlule, iqembu lakhe liwashiswa ijezi yi-Orbit College yaseNorth West, kowandulela owamanqamu emidlalweni kazwelonke wokuhlunga ye-ABC Motsepe League, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Emuva kokukhala kwempempe, kusuke esinamathambo abanye babalandeli okusolakala ukuthi ngaboMsinga, bejikijela amabhodlela nezigubhu zamanzi enkundleni.
Bebekhala ngezinqumo zikanompempe, uMasixole Bambiso odlalisa kwiPremier Soccer League (PSL).
Kubonakale omunye obebhekelele ezokuphepha eqhumisa isibhamu. Abadlali babonakala bentaza inkundla yonke ngenxa yokwethuka.
Ngemuva kokuqhuma kwasibhamu, kulandele okunye okube ngamahlandla impela obekuqhamuka lapho kuhleli khona abalandeli.
Kulesi sehlakalo kulimale umqeqeshi wonozinti woMsinga, uGezani Zondi, oshaywe yibhodlela ngemuva kwendlebe.
Unompempe, uBambiso, uphume enkundleni esegadwe ngabakwasidlodlo.
Lesi sehlakalo sishaqise izwe lonke, sagxekwa ngabaningi.
Sekuphele lezi zibhedu, uKwenzokwakhe Ngwenya ongumengameli weSouth African Football Association (Safa) KwaZulu-Natal, utshele izintatheli ukuthi aboMsinga bazojeza kanzima ngalesi senzo.
Umengameli wale nhlangano kuzwelonke, uDanny Jordaan ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili, ehambele umndeni kaClive Barker ongasekho, uthe basalinde umbiko ogcwele ngokwenzeke kule nkundla.
UMkhokhiseni Mpanza ongusihlalo woMsinga oteketiswa ngaMaBhubesi, usigxeke kakhulu isenzo sabalandeli beqembu lakhe sokungena enkundleni.
Nokho ubelokhu emile ekutheni akusibona abalandeli beqembu lakhe abadubula. Uthe unobufakazi obugcwele ngakushoyo. Usole onogada ngalesi sehlakalo.
"Ngonogada abasusa umsindo. Ngomunye wabo owaqala ukudubula. Abalandeli abangenanga enkundleni ukuyolwa nonondweba. Babejaha lo nogada owaqala ukudubula. Sine-video lapho omunye ethi dubulani lezi zinja, seningaze nibalekele abantu abangaphethe zibhamu.
"Mayelana notshwala obabuphuzwa, ngisola bona onogada. Abantu babengena enkundleni ngaphandle kokuseshwa. Okunye okuthi kwindawo okwakudubula kuyo labo nogada kazivumelekile izibhamu. Ngamaphoyisa kuphela avumelekile ukuziphatha.
“Ukube kwakuwumdlalo wethu wasekhaya, bekungeke kwenzeke lokhu. Sihlala siziqinisa ezokuphepha. Ngizobambisana ngakho konke neSafa ngophenyo lwalesi sigameko. Sengiwahambisile kwiSafa ama-video nezinkulumo eziqoshiwe zalesi sigameko.
“Ngiyaphinda ngithi ngiyasigxeka lesi senzo. Nakuba abalandeli boMsinga ababecasulwe izinqumo zikanompempe, bekungamele bangene enkundleni. Ngisaphinda ngiyasho, ngonogada abadubula," kubeka uMpanza.
Ezokuphepha beziqinisiwe kowamanqamu obuphakathi kwe-Orbit ne-Upington City yaseNorthern Cape, eyanqoba ngo 3-1. Womabili la maqembu aye kowokugcina esezibekele indawo kwiMotsepe Foundation Championship okuyisigaba sesibili sePSL.