UBONA umdlalo wokuqala wobungani neLesotho, ubatshengisile abebefuna ukukubona njengoba beqhubeka namalungiselelo e-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis.
IBanyana iguqise iLesotho ngo 1-0 kulo mdlalo obuse-UJ Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ntambama.
Igoli liqhamuke ngephenathi ebekwe enethini nguNobahle Mdelwa kusanda kuqala isiwombe sesibili.
Nakuba iqembu lakuleli linganqobanga ngamagoli amaningi kodwa ukuwina kube wumphumela omuhle ngenxa yokuthi u-Ellis ubophele abadlali abaningi abasayingxenye yamaqembu esizwe ka-Under 17 no-Under 20.
Bebelekelelwa ngabambalwa asebeke badlala eqenjini elikhulu emqhudelwaneni weCosafa.
Nakuba iLesotho ikleliswe ezansi kakhulu uma iqhathaniswa neBanyana kodwa ibifike nesikwati esiqinile, esikwazile ukukhombisa abadlali bakuleli ukuthi yini okufanele bayilindele ezingeni eliphezulu.
“Kukhona okuhambe kahle kodwa futhi khukhona nokungahambanga ngohlelo. Ngicabanga ukuthi okungekuhle kudalwe ukungaphumi izikhala kwabadlali uma bengaliphethe ibhola. Lapho bekwenzile khona okuhle ukuthi sikwazile ukuphaselana ibhola, sadlala kahle. Ukube sikwenze kakhulu lokho, ikakhulukazi abadlali abebehlasela ezinhlangothini, ngabe senze okuningi kakhulu,” kusho u-Ellis.
“Noma kunjalo, sijabule ngesikwenzile kuleli sonto. Kunezinto esizenzile esizibonile zisebenza enkundleni kodwa zikhona nezingasebenzanga. Njengoba bengishilo, sichithe isikhathi esicane nalaba badlali abasebancane kodwa besifuna badlale.
“Besibagqugquzela ukuthi bagcine ibhola, baphaselane. Kwesinye isikhathi abadlali abancane bajabula kakhulu, bafune ukugijima nebhola njalo kodwa bafunde ngokushesha ukuthi awukwazi ukuvele wenze lokho kuleli zinga, udinga ukudlala ibhola nxazonke.”
IBanyana neLesotho bazobuyela e-UJ Stadium beyobhekana emdlalweni wesibili ozoqala ngo-3 kusasa ntambama.
IWafcon yanonyaka izoba seMorocco kusukela ngoJulayi 5 kuya ku-29. Lo mqhudelwano bekumele udlalwe ngonyaka odlule kodwa wahlehliswa ngenxa yokushayisana nama-Olympic abeseParis, eFrance.
IBanyana izobe ivikela isicoco eyasinqoba khona eMorocco ngo-2022.