UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka, uvule isifuba ngokuzwela konswinyo lweFifa oseluholele ekutheni iPremier Soccer League (PSL) imise iThwihli Thwahla kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Isimemezelo sakamuva sePSL lapho iqinisekisa khona ukuthi iRoyal AM ngeke isadlala kwiDDC ngo-2024/2025 sifane nelinye inxeba kuleli qembu laseThekwini.
UMaduka obekhuluma nabezindaba kulandela ukukhishwa iCape Town City kwiCarling Knockout, uthe lo mphumela bazowuthatha unjengoba unjalo ukuze babhekane ngomqondo ohluzekile neMamelodi Sundowns koweBatway Premiership namuhla ngo-7.30 ebusuku eLoftus Versveld.
UMaduka ubalise ngomthelela awuchaze njengokhubazayo odalwa ukungadlali kweqembu leDDC ekubeni izimo zivele zinzima.
“Ayikho into emqoka njengokuthi umdlali abe sesimeni somdlalo ngesikhathi adingeka ngaso kodwa kusukela kwengezeke inkinga yeDDC uphawini wokunika abadlali lokho awusekho,” kusho uMaduka.
Ukumiswa kweleDDC leRoyal AM kwenziwa yisigwebo seFifa esiyivimba ekusayiniseni abadlali abasha ingakayikhokhi imali eyikweleta abadlali bayo bakudala abayifaka enkantolo.
IRoyal AM imelwe amacala athinta izikweletu zezindodla, zoSamir Nurkovic noRicardo Nascimento.
“IDDC ibisiza uma kukhona lapho kufanele sichibiyele khona ngoba vele isigwebo bese sinesikhathi siqalile ukusithwesa kanzima.
“Angisakwazi ukunika abadlali ithuba lokuzijwayeza imidlalo njengoba kucacile esikimini esikhishwe iCape Town City kwiCarling.
“Iningi labadlali eliqale umdlalo bekungokokuqala kule sizini ngaphandle kweyobungani evamise ukunganikani lokhu okusuke kudingeka.
“Ngikholelwa ekutheni bebezodlala into ebonakalayo ukube bebelithola ithuba lokudlala okungenani kwiDDC kunokuthembela kweyobungani. Kucacile ukuthi kusikhubaza kangakanani ukuvaleka kukaphawini weDDC.
“Abaningi abakuboni lokhu kodwa ukuvalwa kweDDC kungenye yezinto ezisikhubazayo kunganakekile,” kusho uMaduka.
Mayelana nokubhekana neSundowns uMaduka uthembise ukusishintsha cishe sonke isikimu.
“Asidingi ukuchazelwa ngobunzima esiyobhekana nabo kwiSundowns. Ngiyathemba ukuthi bonke laba abebengadlali kwiCarling baphumule ngokwanele ngoba sizowudinga wonke umfutho esingawufaka.
“Okusemqoka kithina kule sizini ukuqinisekisa ukuthi asizitholi sisesimweni esifanayo nesangesizini edlule lapho bese kubanjwa khona kuyekwa ngenxa yamatata okulengela ekugencweni izembe,” kusho uMaduka.