UMGADLI weRoyal AM, uMxolisi Macuphu, uthandazela ukuthi kwiCarling Black Label Knockout uziphinde umlando owenzeka eminyakeni edlule enqoba neBidvest Wits inkomishi yeTelkom Knockout.
IThwihli Thwahla izoqala uhambo lwayo kule ndebe uma seyibhekene neSekhukhune United emdlalweni we-Last 16 ngoMgqibelo, ngo-8.15 ebusuku, ePeter Mokaba Stadium.
Selokhu yafika esigabeni esikhulu inkomishi ezame ukuhamba ibanga elide kuyo iNedbank Cup kwisizini yayo yokuqala esigabeni esikhulu ka-2021/22. Yakhishwa kowandulela owamanqamu yiMamelodi Sundowns.
Lo mqhudelwano uzothatha indawo yeTelkom Knockout eyagcina ukudlalwa ngo-2019.
UMacuphu ofike ngeka-2021/22 kwezikaShauwn "MaMkhize" Mkhize, ephuma kwiTS Galaxy, uthe angaba noKhisimusi omnandi uma bengaba yiqoqo labadlali elinganqobela iRoyal inkomishi yokuqala.
Lo mgadli ungomunye wabadlali ababeseqenjini leZitshudeni elanqoba indebe yeTelkom ngo-2017, lishaya iBloemfontein Celtic ngo-1-0.
“Akwehli kahle kimi ukuthi ngisanqobe inkomishi eyodwa selokhu ngaqala ukudlala esigabeni esiphezulu. Isifiso sami ukugaxa amakhokho emgibeni senginqobe okungenani ezimbili noma ezintathu,” kusho uMacuphu.
“Kuyathokozisa ukwanda kwezinkomishi ezizobangwa. Lokhu kwandisa amathuba okufezeka kwephupho lami. Isifiso sami ukuthi njengoba sengikwiRoyal AM kuphindeke okwenzeka ngo-2017, sinqoba iTelkom (kwiWits). Angisoze ngalukhohlwa loluya suku. ICarling ngiyibona ivulelekile, uma sizozihlela kahle nathi sinalo ithuba lokuyinqoba."
Uqhube ngokuthi umdlalo wabo neSekhukhune kuzoba ngowamagqubu njengoba emasontweni edlule ibashayile koweDStv Premiership.
Kubukeka iThwihli Thwahla kuzomele ibhukule ngokushesha uma kuwukuthi ifuna ukufeza iphupho labaphathi bayo lokubuyela emiqhudelwaneni yeCaf.
Emidlalweni eyisikhombisa isanqobe emibili kuphela, yadlala ngokulingana kweyisibalo esifanayo yase idliwa kwemine.
UMacuphu uthe lesi simo siyabakhathaza bengabadlali nethimba labaqeqeshi.
Emidlalweni emibili eyedlule iRoyal ishaywe yiPolokwane City nayo iSekhukhune.
Empeleni sekuphele eyisithupha ihluleka ukunqoba.
"Ikhefu leFifa lifike ngesikhathi esihle. Kulezi zinsukwana besilungisa amaphutha. Senze kahle kakhulu nasemidlalweni yobungani. Esivumelana ngakho ukuthi sikuqede nya ukuhluleka ukuqoqa amaphuzu nasemidlalweni elula. Kumele siqale kuso iSekhukhune ukutshengisa ukuthi sibheke phambili,“ kuthembisa uMacuphu osashaye igoli elilodwa kule sizini.
Uthe isifiso sakhe ukusonga le sizine eseshaye ayishumi.