SIKHULU isililo ngesinqumo sokuyigaxa emgibeni indweba kukanondweba waseNingizimu Afrika, uVictor Gomes njengoba kuleli sonto ememezele ukuthi usethi khumu ngokuyifutha.
Bekusalindelwe ukuthi aqhubeke nokudlalisa uGomes, kwazise useneminyaka engu-40 kuphela ubudala futhi ushaya ngamabheji aphezulu kulo mkhakha.
Lo nondweba waseGoli, bekunguye noZakhele Siwela (umsizi kanondweba) abantu abebephephezelisa ifulegi leNingizimu Afrika kwi-2022 Fifa World Cup esongwe ngeSonto, eQatar.
UGomes udlalise imidlalo emikhulu, okubalwa kuyo nowompetha bomhlaba, i-Argentina yodumo lukaLionel Messi.
“Ngethembele kuMdali. Afcon 2015, 2019, 2021(2) - U-17 World Cup Brazil 2019, Tokyo Olympic Games 2020 + 1 - World Cup 2022,” kushicilela uGomes ekhasini lakhe le-Instagram.
Ngesikhathi abanye bemvalelisa kodwa iningi labalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana liveze ukushaqeka ngesinqummo sakhe, likhala ngokuthi uphuca ibhola laseNingizimu Afrika ithalente elikhulu.
Lo nondweba kuhlezi kuzokhulunywa emidlalweni yakhe ngendlela anganqeni ngayo ukugixabeza ngamakhadi abomvu ngisho abadlali abaphambili futhi ubone ukuthi akudikizi ngisho inqulu kuye.
UGomes akabuyanga engakususanga ukukhuluma eQatar kwazise emdlalweni obuphethwe nguye weqoqo E, phakathi kweJapan neSpain, kunegoli elabalwa yiVAR yena elichitha.
Lelo goli lashaywa ngu-Ao Tanaka ngesiwombe sesibili, emuva kwebhola ebeligotshelwe nguKaoru Mitoma.Okwenza uGomes wangalibala lelo goli, wukuthi uMitoma walilanda seliphumile, okungenani, ngokubona kwamehlo enyama.
Lelo goli liwinise iJapan ngo 2-1 okukhiphe iGermany esigabeni samaqoqo.
Unyaka ka-2022 kube ngomkhulu kuGomes, kwazise uwuqale ngokudlalisa i-2021 Caf Africa Cup of Nations, egcine inqotshwe yiSenegal.
Nakulowo mqhudelwano wabuya egeze abantu igilo, kwazise kukhona umdlalo ake ajamelana kuwo nesilomo seLiverpool neqembu lesizwe lase-Egypt, uMohamed Salah, esho ukusinika amakhadi nendweba, ethi asithathe sidlalise yena qobo lwakhe, kunokuthi siqhubeke nokuphikisana nezinqumo zakhe.