KUGQAME izimpawu zokungesabi lutho kumqeqeshi weMorocco, uWalid Regragui, okufanele akhiphe ompetha iFrance abazobhekana nabo kowandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba namuhla ngo-9 ebusuku e-Al Bayt Stadium, eQatar.
IFrance imelwe wumqansa wokuguqisa ithemba le-Afrika, iMorocco emdlalweni okungangatshazwa ukuthi uzobe uvutha.
ILes Bleus ilwela ukuba yiqembu lokuqala, eminyakeni engu-60, ukuvikela isicoco somhlaba.
Ezivele ekhempini yeFrance izolo, zikhombe ukuthi babuqonda kahle ubunzima abazobhekana nabo kwiMorocco.
Ukuba izwe lokuqala lase-Afrika ukuzifaka kweyandulela eyamanqamu yeNdebe yoMhlaba kweMorocco, sekuyakhele olukhulu uthando kubalandeli bebhola emhlabeni jikelele.
Kunezigidi zabantu baseMorocco abasebenza eFrance ngakho-ke, lesi ngesinye sezinongo zalo mdlalo obhekwe umhlaba wonke.
Ngisho umqeqeshi weMorocco, uRegragui, uzalelwe eFrance wakhulela khona kangangokuthi nangesikhahti esadlala, ubegijima kumaligi akhona.
“Kunoma ubani ocabanga ukuthi ukufika kowandulela owamanqamu kuyasanelisa kumbe kwanele, ushaye eceleni ngoba thina sibona ithuba lesicoco elilinganayo nawo wonke amaqembu asele,” kusho uRegragui esithangamini nabezindaba izolo, ecashunywa i-AFP.
“Noma ubani obona ukuthi kwanele ukufika kwethu kweyandulela amanqamu bese ephelela lapho, unenkinga. Asiyele ukuyothatha izithombe.
“Iqembu ebelingcono kunawo wonke iBrazil, isiphumile ngakho-ke lo mqhudelwano usunganqotshwa inoma iliphi iqembu lesizwe okuhlanganisa neMorocco.
“Kungenzeka bangibukise okohlanya abaningi kodwa sizibona sinethuba lokwenza i-Afrika ompetha bomhlaba okokuqala emlandweni,” kuphetha yena sakuxwayisa.
Ukunqoba kweMorocco kwiSpain nePortugal kwenza umqeqeshi weFrance, uDidier Deschamps, aye kulo mdlalo ekuqonda kahle ukuthi ithalente labadlali okugqishe ngabo iqembu lakhe ngeke lanele kodwa kuzodinga nomfutho ngaphezulu.
Yize leli qembu lesizwe libophele abagadli abavuthayo njengoKylian Mbappe no-Oliver Giroud kodwa liyaqonda ukuthi ngeke kubelula ukuthola amagoli kwiMorocco esangenelwe igoli elilodwa eQatar (nakhona kube umkhonto ogwaza ekhaya kaNayed Aguerd).
“Kucacele wonke umuntu ukuthi iMorocco inomqhudelwano omangalisayo futhi isikhiphe amazwe ahlonishwayo kulo mqhudelwano ngakho-ke kufanele sizibambe ziqine,” kusho isitobha seFrance, uJules Kounde, ecashunywa i-ESPN.
“Kungaba iphutha ukuthuswa yiMorocco ngoba esikwenzile kucacile ingakho kufanele siye kubona ngawo wonke amandla esinawo uma sizimisele ngokuqhubeka nohambo lwethu kwiNdebe yoMhlaba.”