XOLILE MPISANE
IPHINI lomqeqeshi weMaritzburg United, uMaahier Davids, lithi sebeyilungele impi yokuqala kwezimbili abazozilwa neSuperSport United.
ITeam of Choice naMatsatsantsa bazodudulana koweNedbank Cup eHarry Gwala Stadium ngoLwesithathu ntambama ngo-6 ngaphambi kokuthi babhekane koweDStv Premiership enkundleni efanayo ngoLwesibili oluzayo.
UDavids uthe kumele baqinise emuva njengoba iqembu likaKaitano Tembo liyingozi kakhulu uma lihlasela ngamakhona nama-free kick.
“Ukubhekana neSuperSport kuhlezi kunzima, akusho lutho ukuthi ubani odlalayo futhi akusho lutho ukuthi u (Teboho) Mokoena usehambile," kusho uDavids.
"Bayiqembu eliyingozi futhi siyazi ukuthi kumele silindele ubunzima uma sizodlala nabo, akukhathaleki noma sizodlalela eHarry Gwala noma ePitoli.
"Sangenelwa amagoli amabili ayeqhamuka kumakhona nakuma-free kick ngesikhathi sibhekene nabo koweligi.
"Kufanele siphinde sikholelwe endleleni esidlala ngayo nakulokhu ebesikwenza ngesikhathi silungiselela umdlalo. Yilokho okubalulekile.
"Uma singakwenza lokho futhi sizinikele, ikakhulukazi ngezikhathi ezibucayi zomdlalo, njengasekuqaleni, uma sekuzoyiwa ekhefini, noma umdlalo usuzophela, sizozibeka ethubeni lokuwunqoba.
IMaritzburg beyimatasa ngesikhathi sokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari, yagcina isayinise abadlali abasha abayisikhombisa.
UDavids uthe laba badlali sebeqalile ukungena ezinhlelweni zabo noma engalindele ukuthi babasebenzise bonke zisuka nje.
“Sengeze abadlali abasha abayisikhombisa futhi bangene kahle eqenjini. Sisebenze kanzima ukuze sikulungele ukugijima umdlalo wonke saphinda salungisa nezindlela esihlasela ngazo," kuqhuba uDavids.
“Abadlali abasha sebeyayijwayela indlela esenza ngayo izinto. Kulula kulaba abaqhamuka kuleli kunakulaba abaqhamuka ngaphandle kodwa bonke bayajwayela.
"Abanye bazobe sebewulungele umdlalo wokuqala kanti abanye basazothatha isikhashana."
Abadlali abasha abasayiniswe yiMaritzburg United nguFriday Samu waseZambia, Tawanda Macheke waseZimbabwe, Steven Pereira waseCape Verde, noGenino Palace wakuleli kodwa obezinze ePortugal.
Abebevele begijima emaqenjini eDStv Premiership nguLucky Baloyi noTumelo Njoti, abaphuma kwiRoyal AM noNicholus Lukhubeni obekwiMamelodi Sundowns.