UKAPUTENI weTS Galaxy, uGiven Msimango, ubona seluqalile ukuba nezithelo uhambo lwaleli qembu lwaseTurkey, oluthathwe ngenhloso yokucijela isigamu sesibili sesizini yeDStv Premiership emiswe yiNdebe yoMhlaba eseQatar.
IGalaxy ekunombolo 12 kwi-log, ihambele e-Europe ngenhloso yokuzilungisela ukuthi uma sekuqedelwa isizini emisiwe, ibe ilunge ngokwanele.
Kulolu hambo iGalaxy izozwana amandla namqembu ahlukene, okukhona kuwona naziwayo emhlabeni njengeSampdoria yase-Italy.
Ngemuva kokubambana ngo 1-1 neGiresunspor yakhona eTurkey ngoLwesibili, uMsimango utshele ithimba labezindaba lamaRockets ukuthi yize besadlale owodwa kodwa useqalile uyafunda ngezinto okufanele azenze ukuze kuzokhula indlela adlala ngayo.
“Njengomuntu oqalayo ukuba se-Europe, ngizama konke okusemandleni ukuncela lonke ulwazi engingaluncela, inqobo nje uma kuzokhula indlela engidlala ngayo,” kusho uMsimango.
“Senginaso isithombe sokuthi ngikuphi ngokwezinga ngoba bengisenkundleni sibhekene neqembu lakhona lapha, sabambana ngo 1-1. Ngineme kakhulu ngendlela engidlale ngayo uma ngiyiqhathanisa nezinga labadlali abadlala lapha e-Europe.
“Zihlukile izindlela zokuziqeqesha kulezi esizijwayele, ngakho-ke nakulolo hlangothi siyakhula futhi. Kuyakucacela ngisho uwabuka amaqembu alapha eziqeqesha ukuthi izinga liphezulu.
“Njengomdlali webhola, ngiyaqonda ukuthi kwenziwa njani uma uthole ithuba lokusebenzela eduze nabadlali nabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu kunaleli wena olijwayele.
“Luzoba usizo kimina lolu hambo, ukucija indlela yami ngokukanobhutshuzwayo. Angisakwazi ukulinda ukuthi siphinde sibuyele enkundleni ngomdlalo wesibili,” kulandisa uMsimango.
NgeSonto iGalaxy izotholana phezulu nezinkunzi zeSeria A, iSampdoria ngaphambi kokuvala uhambo ngomdlalo wobungani nge-Al Batin yaseSaudi Arabia ngoMsombuluko.
Ujabule ngendlela abamukelwe ngayo eTurkey, uMsimango kodwa uyaqonda ukuthi okumqoka kunakho konke wukubuyela kwiDStv Premiership bevutha amalangabi.
“Ngeke lisaba khona ithuba lokucasha ngesithupha esiwombeni sesibili sesizini, ngakho-ke lolu hambo luzoba wusizo kithina njengoba simelwe wukuqoqa amaphuzu amaningi esingakwazi ukuwaqoqa.
“Imidlalo yethu lapha eTurkey isezingeni eliphezulu, ngakho-ke sinethemba lokuthi uma sesibuyela ekhaya sizobe sibukhali ngendlela okwenzeka ngayo lapho esikhona manje.
“Ngenxa yalolu hambo sizosizakala umuntu ngayedwa. Siyiqembu sizobuyela ekhaya sesinezindlela eziningi zokubhekana nezimo esizithola emidlalweni emqoka yokuqedela isizini eqala ekupheleni kwenyanga,” kuphetha uMsimango.
IGalaxy izobuyela enkundleni ngoDisemba 30 ngo-7.30 ebusuku lapho izobe ibhekene neMaritzburg United, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.