AKAFISI kumphinde okwamenza kumasizini edlule umqeqeshi weDurban City, uSimo Dladla, ezakhe ezimangaze abaningi zidlulela kuma-quarterfinal eNedbank Cup ngokuwashisa ijezi i-TS Galaxy ngo 2-1 kowe-Last 16 ngoLwesihlanu, eChatsworth Stadium, eThekwini.
ICity edlala kwiMotsepe Foundation Championship, beyize kulo mdlalo inganikwe thuba kwazise ibibhekene neGalaxy ebishayela phezulu kulandela ukushaya iMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership.
“Sinabadlali abaningana esibasayinisile nabanye abangajwayele ukudlala, esibanike ithuba lokudlala. Abanye badlale kahle, sijabule ngabo, noma kubonakele ukuthi abanye kusafanele basebenze ukuze bangene khaxa esitayeleni sethu sokudlala,” kusho uDladla.
Lo mqeqeshi ukubeka ngokucacile ukuti yize bekuthokozela ukwedlulela esigabeni esilandelayo kodwa okuseqhulwini kubona wukugxila ekulweleni isicoco seligi.
Sekungumlando ukuthi uDladla nguyena owayeqeqesha iRichards ngesizini ka-2020/21, lapho yaphunyukwa khona yisicoco seChampionship ekugcineni ikade izihola phambili. Leli qembu lagcina liqede endaweni yesithathu kwi-log, iSekhukhune yakhala yemuka nesicoco, yakhushulelwa kwiPremiership.
“Ngeshwa, ngeke utshele abadlali ukuthi abangene enkundleni bayodlalela ukuhlulwa. Kodwa iqiniso wukuthi okusemqoka kakhulu kithina wukugxila emidlalweni yeligi njengoba sisembangweni weligi. Ngike ngaba sesimweni esifanayo njengomqeqeshi kumasizini edlule kwiRichards Bay FC lapho sake sadlala imidlalo engu-19 singashaywa, sahlala isikhathi eside esicongweni se-log.
“Akwangagcina lapho, sashaya iKaizer Chiefs kwi-Last 32 yeNedbank saze safinyelela kuma-quarterfinal, kodwa emidlalweni emihlanu yokugcina sawulahla umgqigqo, saphunyukwa yisicoco. Ngakho angifuni sehlelwe yisimo esifanayo la kwiDurban City, ngakho ngisazobhunga nethimba lami labaqeqeshi ngokufanele sikwenze ukuya phambili, njengoba sesedlulele emzuliswaneni olandelayo.”
Ephawula ngomgadli oshayele ezakhe igoli esuka ebhentshini ngasekupheleni komdlalo beguqisa iGalaxy, uSenzo “Mbhobho” Ndlovu, uDladla uthe: “Ungumdlali onekhono, ukuthi nje kumthathe isikhashana ukujwayela indlela yethu yokudlala ngoba waziwa njengomgadli ohlala ebhokisini kodwa manje simdlalisa njengomgadli oqhamuka ezinhlangothini. Ngikholwa wukuthi ukubekezela kwakhe nokusebenzisa ithuba alinikeziwe kuthele izithelo.”
UNdlovu ujoyine AmaZulu ekuqaleni kwale sizini esuka kwiSinenkani FC edlala kwiSafa Eastern Cape ABC Motsepe League. Ubolekiswe kwiCity ngenyanga edlule.
ICity esaqhwakele kwi-log yeChampionship, ibuyela ensimini ngomdlalo omqoka wasekuhambeni neBaroka FC ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eGlobal Stadium, eLebowakgomo.