Kaizer Chiefs (2)4
Free Agents (0)0
IKaizer Chiefs ithembise i-Orlando Pirates isibhaxu emuva kokuzidlela amahlanga kwiFree Agents emdlalweni we-Last 32 yeNedbank Cup eFNB Stadium, eNasrec, ngeSonto ebusuku.
Amagoli awezele amakhosi kwi-Last 16 ashaywe nguPule Mmodi amabili, Inacio Miguel noRanga Chivaviro ngokwehlukana kweziwombe.
I-Agents edlala ku-ABC Motsepe League eGauteng, ibibheke ukusebenzisa ishobolo leChiefs lokukhishwa kwiNedbank ngamaqembu adlala ezigabeni eziphansi. Ngokuwina, iChiefs ijoyine amanye amaqembu adlulele kwi-Last 16 okukhona kuwona i-Orlando Pirates eshaye iRichards Bay ngo 3-1 eThekwini. Imiphumela yemidlalo yalezi zinkunzi zaseSoweto, ikhuphula isasasa ngaphambi komdlalo wazo weBetway Premiership ozoba seFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Iphini lomqeqeshi weChiefs, uBen Khalil Youssef, lizwakalise ukungayesabi iPirates.
“Uma udlala namaqembu adlala esigabeni esiphansi kunzima ukulungiselela abadlali ngokomqondo. Enye inkinga ebesinayo wumdlalo wabakhaya ngesonto elizayo, ngakho abadlali sebecabanga ngawo, besaba ukulimala, becabanga namakhadi aphuzi. Umdlalo wabakhaya, wumdlalo wabakhaya. Ungawela noma ngakuphi. Babona ngendlela yabo (Pirates), nathi sibona ngendlela yethu. Sizobona ngesonto elizayo, sizowina,”kusho uBen Youssef kwiSupersport.
Kowe-Agents, Amakhosi adlalise oyedwa kubadlali abane abebesengozini yokungadlali kowePirates ngenxa yamakhadi aphuzi amathathu okunguYusuf Maart. UMduduzi Shabalala, Njabulo Blom noSamkelo Zwane abadlalanga.
Enkundleni, iChiefs iyihlasele zibekwa iFree Agents, kucaca ukuthi ifuna ukushaya igoli ngokushesha kulo mdlalo. Kuyithathe imizuzu-18 iChiefs ukugqobhoza udonga lwe-Agents ngesikhathi ebikhombisa ukungesabi. UMmodi uqobele phakathi ibhola elide likanozinti uBruce Bvuma. Leli goli lenyuse ukuzethemba kubadlali beChiefs abahlasele bephindelela. Ngomzuzu ka-26, uMmodi ushayele Amakhosi igoli lesibili.
Esiwombeni sesibili, i-Agents ibuye isinomfutho, isiyihlasela iChiefs. Nakho ibihluleka ukugqobhoza udonga lwaMakhosi. Kushabalale konke ngomzuzu ka-62 ngesikhathi uMiguel engqofela phakathi igoli lesithathu leChiefs. Emuva kwaleli goli, umgadli we-Agents, uSaheed Adebayo, uthole ikhadi elibomvu ekade ekhononda kunompempe. Sekusele imizuzu eyisikhombisa kuphele umdlalo, uChivaviro uqobele phakathi elesine.