UMQEQESHI woMsinga United odlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, uSmart Ndlovu, ukholwa wukuthi abaqeqeshi baseNingizimu Afrika basenomkhuba wokungathandi ukuboniswa ngabadlali okugcina kuholele ekungabonini ngaso linye ngezinye zezinqumo abazithathayo.
UNdlovu owasebenza esikhungweni sebhola, i-KZN Football Academy, ukusho lokhu ebuzwa yiSolezwe ngoSiyethemba Sithebe okhonjwe indlela yiRichards Bay FC ngoDisemba imsola ngokungahloniphi nokuphikisana nezinqumo zabaqeqeshi.
Kuvela ukuthi uSithebe obengaboshelwanga esikimini seRichards Bay esihlulwe ngo 1-0 yiSupersport United ngoDisemba 6, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ungene ezindlini zokushintshela wakhuluma amazwi anendelelo kubaqeqeshi uRonnie Gabriel noSiboniso Gumede phambi kwabanye abadlali, ebasola ngezinqumo zabo ekusetheni isikimu.
UNdlovu owayeyinhloko yabaqeqeshi esifundeni iSafa Amajuba, waqeqesha uSithebe emazingeni aphansi ebhola. Uthe akamazi eyihlongandlebe lo mdlali osebuya kwiKaizer Chiefs.
“Ngimazi njengomdlali olalelayo, oziphatha ngendlela efanele enkundleni nangaphandle kwenkundla. Ukhuliswe emndenini webhola, onenhlonipho. Ngisebenze naye kusukela ebuncaneni bakhe, emaqenjini aseMajuba ku-Under 14, Under 17 kwaze kwaba ku-Under 21 weSAB lapho engamqeqesha khona eqenjini laKwaZulu-Natal elalimele isifundazwe ezingeni likazwelonke (ngo-2013). Angimazeli nhlobo ekubeni ngumdlali ongahloniphi,” kusho uNdlovu.
“Noma-ke ngingeze ngakwazi okwenzeka, nokwaholela engxabanweni yakhe nabaqeqeshi (beRichards Bay) kodwa ikhona le nto yokuthi thina baqeqeshi, ikakhulukazi lapha eNingizimu Afrika, abadlali uma besibuza ngezinye izinto kumbe izinqumo esizithathayo, siba nalowo muzwa wokuthi abasilaleli noma bayasidelela.
“Kuyenzeka uthole ukuthi umdlali uma ukhuluma naye akutshele into wena njengomqeqeshi obungayinakanga kodwa othi uma usuyicabanga ubone ukuthi ubekutshela into eyiyo. Kodwa-ke emdlalweni webhola kuyaba khona ukuphakama kwemimoya kubaqeqeshi nakubona abadlali uqobo okuyinto esingeke siyibalekele ebholeni.”
Lo mqeqeshi uthe ngoba ibhola lishintsha njalo, kufanele kube nobudlelwano obuhle nokuhloniphana phakathi kwabaqeqeshi nabadlali.
“Ngike ngaya ePortugal, ngamangazwa yindlela abafana abancane ababuza ngayo (kubaqeqeshi) owawungaze ufunge ukuthi ngabadlali abadala. Kodwa ngabona ukuthi akungoba bengahloniphi kodwa babuza ngoba befuna ukuba nolwazi. Thina-ke baqeqeshi baseNingizimu Afrika asithandi uma umdlali esibuza, kanti kufanele ukuthi sizame ukuvuleleka ngoba siyafunda sonke, umqeqeshi uyafunda nomdlali uyafunda,” kusho uNdlovu.