UKAIZER Motaung Jnr, oyiSporting Director kwiKaizer Chiefs, ubhoboke ngokuxhumana kukasihlalo wayo, uKaizer Motaung Snr nebhola lase-USA okwenze kwaba lula ukudedela uNjabulo Blom, obesasalelwe yizinyanga eziyisithupha kwinkontileka abe nayo naMakhosi.
UBlom okhulele ezinkulisa zeChiefs, usayine inkontileka neqembu elidlala kwiMajor Soccer League (MLS), e-USA, iSt Louis City.
Bese kunesikhathi kunamahlebezi okuthi lo mdlali akeneme ngabekubekelwa yiChiefs etafuleni njengoba inkontileka yakhe ibisisalelwe yizinyanga eziyisithupha ukuba iphele.
UBlom ubemataniswa namanye amaqembu adlala kwiDStv Premiership, okubalwa neMamelodi Sundowns.
Ngesonto eledlule, iChiefs iqede konke ukuqagela yamemezela ngokusemthethweni ukuthi uBlom usethole ikhaya elisha.
Kubadlali bakudala asebeke badlala e-USA, kukhona usihlalo waMakhosi, uMotaung Snr, uJomo Sono, Doctor Khumalo. Kamuva uKamohelo Mokotjo uke wagijima kule ligi, uBongokuhle Hlongwane odlala kwiMinnesota United. ISt Louis iqeqeshwa owayedlalela, iBafana Bafana, uBradley Carnell.
Ukuxhumana kukaMotaung (owaqokwa njengomdlali omncane ongcono kunabo bonke kwiligi ngesizini yakhe yokuqala kwi-Atlanta Chiefs ngo-1975) nebhola lase-USA, kube nomthelela ekutheni iChiefs ikhulule uBlom.
Lokhu kushiwo uMotaung Jr obekhuluma nethimba labezindaba leChiefs ngezizathu zokudedela kwabo uBlom obengomunye wabadlali abamqoka kubona futhi okhulele ezinkulisa zeqembu.
“Okusemqoka kunakho konke ngodaba lokudayiswa kukaBlom wukuthi ukuzikhandla kwakhe njengomdlali nezithukuthuku zikasihlalo weChiefs ongakaze akhohlwe yizinkulisa, kuthele izithelo ekugcineni,” kusho uMotaung Jnr.
“Sikhuluma ngomdlali omncane kodwa osedlale imidlalo eminingi emqoka futhi engaphezulu kwakhe kodwa ngoba usihlalo ubeyifaka akhululeke imali ezinkulisa, nanku umvuzo,” kuqhuba lesi sikhulu ngokuzethemba.
UMotaung Jnr uveze nokuthi ziningi ezinye izinongo ezibenze babona ukuthi abamdedele uBlom yize ebesenendawo emqoka abesengayidlala kuMakhosi.
“Kuwumlando kwiChiefs ukuthi uBlom (owumdlali wokuqala okhuliswe iChiefs ukuthi ayodlala e-USA), asayine eqenjini elidlala kwiligi lapho usihlalo aqokwa khona koweRookie of the Year ngonyaka wakhe wokuqala efikile e-Atlanta.”
UMotaung uvumile ukuthi izingxoxo bezingelula kodwa ujabule ukuthi zonke izinhlangothi ezithintekayo zineme ngokugcine kwenzekile.
“Bese siside isikhathi sikhuluma noBlom kodwa akuyona into ebesingayikhulumela eziko kwazise ibithinta ikusasa lomdlali.
“Bonke abathintekayo bekufanele bacule ingoma eyodwa kusukela kuyena umdlali, imenenja yakhe (Rob Moore) nomqeqeshi u-Arthur (Zwane) ngakho-ke bekungelula kodwa ekugcineni sonke sinelisekile ngokugcine kwenzekile,” kusho uMotaung Jnr.