USIHLALO weRichards Bay FC, uSifiso “Jomo’’ Biyela, ulindele lukhulu kumdlali wasesiswini uMduduzi Mdantsane, abamboleke kwiKaizer Chiefs ngosuku lokugcina lwewindi lePremier Soccer League (PSL).
UMdantsane (30), okuqale isizini ka-2024/2025 elimele, uzoyibamba kwiNatal Rich Boyz kuze kuphele isizini. Selokhu kuqale isizini, akakaze asinuke isikimu ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi, ojoyine Amakhosi ethenjiwe ukuthi uzoshintsha isimo.
UMdantsane ugcine ukudlubha ijezi leChiefs emqhudelwaneni iHome of The Legends Cup egcine iyiwinile emasontweni adlule, eGqeberha. Ukudlala kahle kwakhe kulo mqhudelwano, kwenyuse ithemba lokuthi uzoboshelwa emidlalweni yeBetway Premiership kodwa kwagcina kungenzekanga.
Ukubolekiswa kukaMdatsane kwiBay, kuhambisana nomthwalo wokuvikela leli qembu elisengozini yezembe ngasemsileni we-log yePremiership. Lisendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-14. Iphambili ngamaphuzu amabili kwiMagesi FC, esemsileni ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni engu-13.
“Sidinga isipiliyoni sakhe eqenjini, ngicabange ukuthi angasisiza. Isimo esikusona sidinga abantu abanesibindi. Siqonde kwiKaizer Chiefs sabuza ngesimo sakhe uMdantsane ngoba esimeni esikusona sidinga umuntu onjengaye. Maningi amaqembu abemfuna kodwa yithina esigcine siphumelele ukumthola,”kusho uBiyela.
“Yebo, kade agcina ukudlala kodwa siyalazi izinga lakhe enkundleni. Sizombona ukuthi wenzanjani. Okuyiqiniso wukuthi ubengadlali kwiChiefs kodwa ubeziqeqesha nayo. Esikwaziyo sonke wukuthi ungumdlali oseqophelweni eliphezulu.”
UMdantsane usayine kwiChiefs ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024 esuka kwiCape Town City. Udlale imidlalo engu-16, washaya amagoli amabili.
Ngaphandle kukaMdantsane, iBay iqinise iqembu ngomgadli uMxolisi Macuphu, ocele ukukhululwa yiRoyal AM, enezinkinga. Ithole nomdlali waseKenya, uVincent Oburu.
IBay izobuyela enkundleni ngo-7.30 ebusuku kusasa, isiyobhekana neMagesi emdlalweni weligi eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.