LIKHOLELWA ekutheni banethuba elilinganayo ne-Orlando Pirates lokudlulela kuma-quarterfinal eNedbank Cup ibamba lomqeqeshi kwiBaroka FC, uFoster ‘Jay Jay” Hlungwani.
Lo mqeqeshi uzobe ephethe izintambo uma sebebhekene neZimnyama emdlalweni weLast 16 ozoba se-Orlando Stadium kusasa ngo-3 ntambama.
Unikezwe izintambo kulandela ukushiya kukaJoel Masutha, osebuyele kwiBlack Leopards.
IBakgaga ikhiphe Umvoti FC ngo 3-0 emzuliswaneni odlule kanti uHlungwani unethemba lokuthi basangadlulela phambili kulo mqhudelwano ngokuzimisela nangokuba nesibindi.
“Lo mdlalo awuqondene nami kuphela kodwa uthinta iqembu lonke. Okusemqoka yindlela esizoziphatha ngayo siyithimba labaqeqeshi, indlela esizomelana nayo nezikhathi ezibucayi zomdlaalo, nendlela esizosiza ngayo abadlali balawule imizwa yabo ngaphambi komdlalo nangaphakathi enkundleni,” usho kanje.
“Okubaluleke kakhulu ukuthi uwulungiselela kanjani umdlalo. Uma ubheka iPirates neBaroka, sidlala uhlobo lwebhola olufanayo. Konke kuzoncika ekutheni ngubani ofuna kakhulu ukunqoba. Uma siya e-Orlando futhi sizinike sizikhandle, sibe nesimo sengqondo esifanele nokusebenza ndawonye njengeqembu, ngicabanga ukuthi kungenzeka noma yini.”
IBaroka isike yazimangaza ezikaMagebhula emqhudelwaneni womkhumulajezi phambilini, izinqoba sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu kwiTelkom Knockout ngo-2018. Lowo mdlalo wawuphele zibambene ngo 2-2.
UHlungwani uthe kukhona abazokuthatha kuwona okuzobasiza, ikakhulukazi njengoba kukhona abadlali ababekhona abasayingxenye yeqembu, njengokaputeni u-Ananias Gebhardt noCollins Makgaka.
“Kunomlando phakathi kwalawa maqembu. Sixoxile ngawo nabadlali sabheka abadlali ababekhona nokuthi yini esingayithatha kuwona. Esikuqaphelile ukuthi abadlali babebambisene, engekho ofuna ukwenzela iqembu phansi,” uqhube kanje.
“Babezimisele ukuzakhela amagama, futhi izimpilo zabo nezemindeni yabo zashintsha ngemuva kwalowo mdlalo. Baliphakamisa negama leqembu. Kufanele nathi sizibuze ukuthi sifuna ukukhunjulwa kanjani.
“Sizoya kulo mdlalo nomqondo omuhle wokuzama ukuwulawula ukuze uhambisane nendlela yethu yokudlala. IPirates iyiqembu elihle kakhulu, linomqeqeshi osezingeni eliphezulu nabadlali abayingozi kodwa noma yiliphi iqembu liyangeneka uma lingaliphethe ibhola. Uma singena enkundleni sizitshela ukuthi siyodlala sizozibeka ethubeni lokuwina.”
Abadlali abaseqenjini lePirates abebeyingxenye yowamanqamu kwiTelkom Knockout ngo-2018 ukaputeni u-Innocent Maela noPaseka Mako.