UKHATHAZWA wukubimba kwezinto umqeqeshi weRoyal AM, uKhabo Zondo njengoba kungabahambelanga kahle emidlalweni edlule yeDStv Premiership.
IRoyal AM, esethubeni lokungena esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup, ithwele kanzima kwiPremiership. Isendaweni yeshumi kwi-log ngamaphuzu angu-13 emuva kwemidlalo engu-10. Yehluliwe kuyona yomithathu imidlalo yeligi yakamuva eyidlalile.
Ikhale ngaphansi kwiSwallows (2-0), SuperSport United (3-1) nakwiRichards Bay (1-0). Empeleni iThwihli Thwahla igcine ukubhiyozela ukunqoba ngoSepthemba 3 ngesikhathi yehlula iSekhukhune United.
NgoLwesibili ngo-5 ntambama, izobhekana nomakhelwane iLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi wabakhaya baKwaZulu-Natal, eChatsworth Stadium, eThekwini.
"Siyazi ukuthi imidlalo yabakhaya ihlala inzima. Sizodlala neqembu eligcwele abadlali abasebancane futhi abanejubane. Ngakolwethu uhlangothi siphume esimeni esingesihle sokungayitholi imiphumela emihle kwiligi. Sesihlulwe emidlalweni emithathu ilandelana okuyinto engeyinhle kithina," kusho uZondo.
"Kodwa isibindi sikhona. Abadlali bami ngomumo. Kuzoba wumdlalo onzima. Konke kumayelana nendlela esivala ngayo emuva nokuthi sihlasela kanjani sizama ukushaya amagoli. Sesidlale imidlalo eminingi sehluleka ukushaya amagoli okuyinto ekhathazayo. Singenelwa ngamagoli amaningi okuyinto engeyinhle kithina. Kunoma yimuphi umdlalo, uma ungangenelwa yigoli futhi uzama ukushaya amagoli, unethuba lokuthola amaphuzu amathathu."
Abafana Bes'thende bazobhekana neThwihli Thwahla bebheke ukucosha amaphuzu agcwele kwazise nabo abasayazi iwini. I-Arrows igcine ukuwina ngoSepthemba 17, ithela ngehlazo lika 4-0 iSwallows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Emuva kwalokho idlale ngokulingana neCape Town City (1-1) neStellenbosch (1-1) emidlalweni ilandelana. Ngesonto eledlule ixetshulwe yi-Orlando Pirates ngo 2-0.
UZondo uthe bayilungiselele kahle i-Arrows.
"Asinikeze laba bafana ithuba lokuba yibona kusasa (namuhla). Bayazi nabo uqobo ukuthi emidlalweni emibili edlule abadlalanga kahle, kufanele bakhuphule izinga benze isiqiniseko sokuthi bathola amaphuzu amathathu adingekayo. Kodwa ngeke kube lula, siyayazi indlela abadlala ngayo. Ngicabanga ukuthi sihlele kahle," kusho uZondo.
IRoyal AM izodlala ngaphandle kwabadlali bayo abaqavile uKabelo Mahlasela, Tebogo Potsane noMenzi Masuku abalimele.