UMDLALI wasemuva kwiLamontville Golden Arrows, uGladwin Shitolo, ukholwa wukuthi ukuhlangana ngokushesha kwabadlali abasanda kusayiniswa yileli qembu, nabadlali abebevele bekhona, yikho osekube yikhubalo lokwenza kahle kwaleli qembu emidlalweni yeDStv Premiership kuze kube manje.
UShitolo (34), oseyinkunzi emidwayidwa kwiGolden Arrows, usho kanjena nje ezakhe zihlezi endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-10 ngemuva kwemidlalo emihlanu.
“Abadlali abasha abasijoyinile ngaphambi kokuqala kwesizini basheshe basibamba isitayela sethu sokudlala, ngaleyondlela iqembu likhombisa okukhulu manje ukuhlangana.
Yize esekhona amaphutha ambalwa okusafanele siwalungise, ikakhulukazi odongeni lwasemuva, kodwa indlela esisayiqale ngayo le sizini ikhombisa ngokusobala ukuthi siyiqembu elizokwenza kahle kule sizini, uma nje singakwazi ukugcina lo mgqigqo esikuwona njengamanje isikhathi eside,” kusho uShitolo.
“Ngokwami ngikholwa wukuthi ukudlala kwethu neSundowns isizini isaqala, futhi sihlulwe ngalelya ndlela esahlulwa ngayo, kusivule amehlo sakwazi ukushesha sibone amaphutha okufanele siwalungise.
“Nangempela kule midlalo emibili yakamuva esiyiwinile kwiPolokwane neSupersport, sikwazile ukuvuka sizithathe, siziqoqe silwele ukubuya namaphuzu ayisithupha agcwele.
“Kodwa-ke naphezu kwalokho asekhona amaphutha okusafanele siwalungise, ukuze sikwazi ukuba yiqembu elingcono kakhulu kule sizini kunangesizini edlule,” kusho uShitolo, owayeseqenjini le-Arrows elaqeda isizini lisendaweni yesine kwi-log ngesizini ka-2020/21.
I-Arrows inyukele endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership ngokubhaxabula iSupersport United ngo 3-0, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesibili.
Ngaphambi kwalokho ibibuya ekushayeni iPolokwane City ngo 3-2 ngoMgqibelo, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
Inqoba imidlalo emibili ilandelana nje, ivuke yazithatha emuva kokubhaxabulwa yiSundowns ngo 4-0.
Phakathi kwabadlali abasayiniswe yi-Arrows ngaphambi kokuqala kwale sizini ababonakala besheshe bangena esitayeleni saleli qembu, kubalwa kubo uBradley Cross, u-Olwethu Ncube, u-Angelo Van Rooi, noLungelo Nguse oseshaye amagoli amabili emidlalweni emihlanu asayidlalile.
Abafana Bes’thende abasanqobe imidlalo emithathu, bahlulwa kowodwa, badlala ngokulingana kowodwa, bazobuyela ensimini kweyePremiership ngemuva kwekhefu leFifa, ngokubhekana neStellenbosch FC, ngoSepthemba 16, eMpumalanga Stadium.