YIZE iconsisa amathe yonke imidlalo yama-quarter final yeNdebe yoMhlaba yaseQatar, kufanele ukuthi iso le-Afrika lizobe lithe njo kowamagqubu phakathi kwethemba layo lokugcina, iMorocco nePortugal ngoMgqibelo, ngo-5 ntambama, e-Al-Thumama Stadium, eDoha
IMorocco osekuyilona lodwa iqembu lase-Afrika kwamahlanu elisele kulo mqhudelwano, izobhekana nePortugal okuzobe kungokokuqala ukuthi la mazwe ahlangane kwi-quarter final yeNdebe yoMhlaba.
I-Atlas Lions ikhiphe ompetha boMhlaba bango-2010, iSpain emdlalweni weLast 16 ngoLwesibili, sekukhahlelwa amaphenathi. Umdlalo ubuphele zibambene ngo-0-0, ezase-Afrika zadlula ngo 3-0 kumaphenathi.
Kuzodingeka okungaphezulu kwemikhuleko nokho uma isibhekene nePortugal, kowamgqubu uma uzohlehla nomlando wala maqembu esizwe koweNdebe yoMhlaba.
IPortugal inenebule iSwitzerland ngo-6-1 kowayo we-Last 16 okwenza abafisela iMorocco okuhle, bakwenze lokhu bebuqonda kahle ubunzima abazobe bebhekene nabo.
Ngo-1986 eMexico, iMorocco yaxebula iPortugal ngo-3-1 kowamaqoqo, eJalisco Stadium kwathi ngo-2018 eRussia, iPortugal yazibuyisa izinduku nayo kowamaqoqo ngo-1-0 wegoli likaCristiano Ronaldo.
*Abadlali ababhekiwe
Baningi abadlali ababhekiwe kulo mdlalo kodwa uma kuzoya ngokweye-Last 16, unozinti weMorocco, uYassine Bounou uyena ozobe ethwele amathemba aleli qembu. Lo nozinti uvimbe amaphenathi amathathu eSpain, kanti kuzokhumbuleka ukuthi alikho izwe elisakwazi ukugqobhoza udonga lweMorocco kulo mqhudelwano. Igoli elisangene ngakuyona kube wumkhonto ogwaze ekhaya.
Ngasohlangothini lwePortugal ekhombisile ukuthi iyakwazi ukudlala ngaphandle kukakaputeni wayo uCristiano Ronaldo oqale ebhentshini bebhudluza iSwitzerland, kuzobhekwa umgadli uGonzalo Ramos, oshayele iPortugal amagoli amathathu koweLast 16.
* Okushiwo abaqeqeshi
Ngemuva kokunqoba kwiSpain, uWalid Regragui, opheka iMorocco uthe: “Obekudingeka kithina ukwamukela ukuthi asikho ezingeni leSpain ngokuphatha ibhola, nangempela abadlali bakuqonda ukuthi sizodlala ngendlela ehlukile kwabayijwayele,” kusho yena esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo ecashunwa i-AFP.
“Nasemdlalweni olandelayo nePortugal, sizohlela ngendlela efanele futhi enenhlonipho kodwa engithanda ukukuqhakambisa indlela engiziqhenya ngayo ngabadlali bami ngokuyithatha injengoba injalo imiyalelo,” kuphetha uRegragui.
UFernando Santos oqeqesha iPortugal, uthe: “Kungakuhle uma singagxila entweni enhle eyenziwe iPortugal kunokunaka ukuthi kungani engawuqalanga umdlalo uCristiano Ronaldo?” kusho yena kwi-Sky Sports.
“Lo mdlalo usikhombisile ibanga esingalihamba kulo mqhudelwano uma sizimisele ukusebenza sonke sisebenzela umvuzo ofanayo,” kusho uSantos.
IMorocco edlala iNdebe yoMhlaba okwehlandla lesithupha izobe iqala ukudlala kwi-quarter final yalo mqhudelwano.
Ku-Group F: IMorocco ilikhonyile leli qoqo ngokunqoba kwiCanada nakwiBelgium ngaphambi kokubambana neCroatia ngo-0-0. Iqophe umlando kwi-Last 16 inqoba kwiSpain ngo-3-0 sekukhahlelwa amaphenathi.
IPortugal eseNdebeni yoMhlaba okwehlandla lesikhombisa kanti ngo-1966, kulapho yenze khona kahle kunakho konke, iqeda endaweni yesithathu.
Ku-Group H: Kubukeke sengathi izolikhonya iqoqo kwazise iwaqoqe egcwele kwiGhana nakwi-Uruguay ngaphambi kokuphoxwa yiSouth Korea eyihlule kowokugcina. Kwi-Last 16 ishaye amagoli ayisithupha.
Isiyonke imidlalo yama-quarter final yeNdebe yoMhlaba:
Kusasa: Croatia v Brazil (Education City Stadium, 5pm); Netherlands v Argentina (Lusail Stadium, 9pm).
NgoMgqibelo: Morocco v Portugal (Al-Thumama Stadium, 5pm); England v France (Al-Bayt Stadium, 9pm).