UKHUTHAZE abadlali bakhe ukuthi bakushiye ngemuva okwenzeke eHong Kong, ngempelasonto edlule, njengoba sebezodlulela eSingapore kule mpelasonto umqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa leSevens, uPhillip Snyman.
AmaBlitzbokke ashaye udaka kwiHong Kong Sevens eqeda endaweni yesishiyagalolunye.
Avule lo mqhudelwano ngokuguqisa i-Uruguay kodwa ahluleka ukudlulela kuma-quarterfinal ngenxa yokuqunjwa phansi yi-Australia neNew Zealand kweminye yamaqoqo.
Asonge lo mqhudelwano ngokunqoba iKenya ngo 19-17 sekubangwa yindawo yesishiyagalolunye.
“Kufanele ngikwamukele ukugxekwa ngosekwenzekile ngoba besingekho ezingeni elilindelekile kithina. Kuwumsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi abadlali bawulungele umqhudelwano, nokuyinto esijwayele ukuyenza,” kusho uSnyman.
"Kufanele sibe sezingeni eliphezulu kuyona yonke imiqhudelwano, singakhethi imidlalo. Kulungile uma kusolwa mina njengoba singadlalanga kahle eHong Kong kodwa ngikholwa wukuthi iqembu lizokwazi ukukhuphula izinga eSingapore.”
Ukuqeda endaweni yesishiyagalombili akuwabuyiselenga kakhulu emuva amaBlitzbokke kwi-log ye-World Sevens Series yesizini ka-2024/25. Asasendaweni yesine ngamaphuzu angu-66.
I-Argentina isaqhwakele ngamaphuzu angu-88, kulandele iFiji ngangu- 76 ne-Spain ngawu-74.
Kulo mqhudelwano ozayo waseSingapore, amaBlitzbokke aseqoqweni uPool A eline-Argentina neGreat Britain. Iqembu elizoqhwakela kuleli qoqo lizodlulela kowandulela owamanqamu.
IFrance izotholana phezulu ne-Ireland neKenya kuPool B, i-Australia ibhekane neSpain ne-Uruguay kuPool C, bese iFiji, New Zealand ne-USA bebhekana kuPool D.
“Sifuna ukudlulisa konke okubi okwenzeke eHong Kong kodwa lokho akusho ukuthi sizovele sikuzibe singakhulumanga ngakho. Sizochitha isikhathi esanele sihlaziya imidlalo yethu ukuze siqondisise okufanele sikulungise njengeqembu.”
AmaBlitzbokke azovula neGreat Britain ngoMgqibelo ngo-7.26 ekuseni, bese egadulisana ne-Argentina ngo-10.44 ekuseni.
USebastiaan Jobb noDavid Brits bafakiwe eqenjini elizodlala eSingapore ukuzovala sika-Quewin Nortje noGino Cupido, abalimele.