UKAPUTENI waMaZulu FC, uMakhehleni Makhaula, uphika eyokuthi kunabadlali okumele babaqaphe ngaphezu kwabanye uma sebebhekene ne-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo.
Lo mdlali odume ngokuba yinjini esiswini uthe, yize kulindeleke ukuthi abange ibhola nabadlali abafana noNdabayithethwa Ndlondlo enkabeni yenkundla, ngeke balenze iphutha lokudedela abanye bazicanasele.
"Ngeke ngigxile kuNdlondlo ngoba baningi abanye abadlali okumele ngibagade. Nginamaqhinga athile engizowadlulisela kozakwethu. Kukhona engikubonile kwiPirates ngesikhathi idlala ngoMgqibelo okungasisiza kodwa yinto engizoyixoxa nozakwethu," kusho uMakhaula.
"Njengokaputeni kungumsebenzi wami ukugqugquzela iqembu, ngiyakwenza ngaphambi kwayo yonke imidlalo. Ngiyabakhumbuza ukuthi singamabutho futhi uma siya empini kumele sibambisane. Ayikho into ebaluleke njengokuthi sihlasele sonke siphinde simake sonke."
Njengomqeqeshi wakhe, uRomain "Fohloza" Folz, uMakhaula uthe abakugqizi qakala ukuthi Ezimnyama ziguqiswe yizimbangi zazo, iKaizer Chiefs ngempelasonto edlule. Usuthu luzongena kowamanqamu nomuzwa ohlukile ngemuva kokunqoba iStellenbosch ngo 1-0.
"Akumele siyibeke emqondweni indaba yokuthi badliwe kowomkhaya, kumele siqinise ezinhlelweni zethu. Sisakhumbula ukuthi ngaphambi kwalokho badle iMamelodi Sundowns ngo 3-0, okusho ukuthi kungenzeka bafune ukukhiphela isibhongo kithina," kuqhuba uMakhaula.
"Kuhle ukuthi thina sikwazile ukunqoba umdlalo wethu ngeSonto ngoba bese sidlale inqwaba yemidlalo singawini. Ukudliwa kwePirates akusho ukuthi isifile ngoba ingasijikela. Kumele sizimisele zibekwa ukuze sidlale kahle.
"Siyabazi ubunzima esidlule kubona sibhekene neChiefs futhi silindele okufanayo kowamanqamu. Okubuhlungu Wukuthi kukhona abadlali abathintekile kodwa Kababaningi kangako. Uma begcina bengabuyanga sinabo abanye abangawenza umsebenzi."
Usuthu lwagcina ukudla isicoco ngo-1992, lunqoba iKaizer Chiefs ngo 3-1 kowamanqamu weCoca Cola Cup. UMakhaula uyafisa ukuba ngukaputeni wokuqala ukuphakamisa indebe selokhu kwagcina uTim Nzoyi.
"Kungafezeka iphupho elikhulu uma ngingakwenza lokho ngoba ngizobe ngiqala ukudlala kowamanqamu ngingukaputeni. Ngesikhathi ngidla isicoco seNedbank Cup neFree State Stars, sihlula iMaritzburg United, ngangena umdlalo usuyophela," kusho yena.
"Lo mdlalo ubaluleke kakhulu kimina nawo wonke umuntu oyingxenye yaleli qembu. Ngingajabula uma ngingangena emlandweni waMaZulu futhi ngifisa ukuthi sithole izicoco eziningi ngaphansi kobuholi bami."