Argentina (2) 3
France (0) 3
I-Argentina inqobe ngo-4-2 kumaphenathi
I-ARGENTINA inqobe iNdebe yoMhlaba okokuqala eminyakeni engu-36, ishaya iFrance ngo-4-2 sekukhahlelwa amaphenathi eLusail Stadium, eDoha, eQatar, ngeSonto ntambama.
Umdlalo ubuphele zibambene ngo-3-3 emizuzwini engu-120 uma sekubalwa nesikhathi esengeziwe.
Ukuphakamisa kwe-Argentina isicoco seNdebe yoMhlaba kufane nokugcwalisela igama lesilomo somdlali wakuleliya lizwe, uLionel Messi njengenkosi yebhola yakhona, okumbeka endaweni efanayo nesinye isilomo esesalala, uDiego Maradona, owahola leli lizwe liphakamisa isicoco ngo-1986.
UMessi uyena ovule inkundla ngephenathi esiwombeni sokuqala. Igoli lesibili livalelwe ngu-Angel Di Maria sekusele imizuzu engu-10 kuyiwe ekhefini.
IFrance ibuye ngemizuzu engu-10 yokugcina ngamagoli amabili kaKylian Mbappe. Elokuqala lawo libe yiphenathi, wase evalela elesibili kusadlule imizuzwana.
Esiwombeni sesibili esikhathini esengeziwe, uMessi uphinde wabeka ezakhe phambili kodwa uMbappe waphinde wayivusa iFrance ngenye iphenathi.
Kuthe sekukhahlelwa amaphenathi, ezikaDidier Deschamps zashweba amabili, i-Argentina yawahlohla wonke amane.
I-La Albiceleste yagcina ukuba ngompetha bomhlaba ngo-1986 ngesikhathi ihlula yiWest Germany ngo-3-2 eMexico.
I-Les Bleus iyona ebigcine ukuphakamisa le ndebe eRussia ngo-2018, idla iCroatia ngo-4-2 kanti ibizama ukuba yiqembu lokuqala ukuyivikela selokhu kwagcina iBrazil ngo-1962.
Lo mphumela uchaza ukuthi uMessi ulifezile iphupho lakhe lokunqoba iNdebe yoMhlaba njengoba ebeseshilo ukuthi ngeke esabuya kwelandelayo.
Igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-23 uMessi evalela phakathi iphenathi ngemuva kokuthi uDi Maria ewiswe ngu-Ousmane Dembele ebhokisini.
Elesibili liqalwe emuva lintshotshwa nguNahuel Molina entshontshe ibhola walidlulisela kuMessi enkabeni yenkundla. Ube esedlulisela ku-Alexis Mac Allister kwesokudla, waligobela uDi Maria kwesokunxele ebhokisini, walinamathisela enethini.
IFrance ibuyise ithemba ngomzuzu ka-80 ngephenathi eshaywe nguMbappe ngemuva kokuthi uNicolas Otamendi ethele phansi uRandal Kolo Muani ebhokisini.
Kudlule umzuzu owodwa, uMbappe waphinde walinamathisela enethini, eqedela ibhola ebeligotshwe nguMarcus Thuram.
Emizuzwini yokugcina womabili amaqembu azamile ukuthola igoli lokunqoba kwangalunga, kwafakwa eminye imizuzu engu-30.
Esiwombeni sokuqala esikhathini esengeziwe, i-Argentina iyona ecindezele kakhulu kodwa yangakwazi ukuwasebenzisa. Ngesiwombe sesibili, i-Argentina iphinde yahamba phambili. Unozinti weFrance uvimbe ibhola ebelishaywe nguLautaro Martinez, uMessi walibeka enethini.
Kuthe sekubhekwe ukuthi i-Argentina izomuka nesicoco, iFrance yathola iphenathi yesibili, kusolwa uGonzalo Montiel ngokubamba ibhola ngesandla ebhokisini.
UMbappe uphinde waphakama, wangalenza iphutha, walibeka enethini.
Sekukhahlelwa amaphenathi uMessi, Paulo Dybala, Leandro Paredes noMontial bawabeka phakathi. KwiFrance, uMbapee, noMuani bawabeka enethini, uKingsley Conan no-Aurelien Tchouameni bahluleka.