Bekujuluka indoda, icacisa ukuthi iholelani kubadlali abanjenge nsephe uLehlohonolo Majoro, ekhombisa ubugovu bokulwela wonke amabhola aya phambili kubagadli nokuholele ekutheni elinye alinikeze umgadli weqembu uBongi Ntuli, walivalela phakathi engeza enqwabeni yamagoli aseyishalele uSuthu.
Empeleni nguye uNtuli noMajoro abathe “Mathambo hlanganani” bephakelana ibhola eligcine libhajwe enethini ngesiwombe sokuqala.
Bekuwumzuzu wesikhombisa ngesikhathi uMajoro olwele iNgonyama waphuma nebhola waliphosa ebhokisini wathola uNtuli olibhekise enethini lamshiya entaza ubala unozinti weLidoda Duvha, uKing Ndlovu.
Amaphuzu amathathu, obengawokuqala kusukela iqembu litheleke kwibio-bubble- eGauteng, athathe Usuthu aluwezela endaweni ka-13 kwi-log nokuzokwenza izinjobo zamabheshu ankone zime kudideke abacindezeli.
Nokho ukujabula kusazoba yize kwazise kule sizini kwenzeka okungandile okokuthi iqembu linqobe umdlalo owodwa liphakamele kwelinye izinga kangakokuthi leqa izitha okungenani ezintathu.
Kube wukubhacaza njalo selikhonkobala ngaphansi kwezinye ezimbili.
Abeqala AmaZulu ukunqoba kusukela ehlangane nontanga kwibio-bubble eGauteng ekuqaleni kuka-Agasti kanti iLeopards ihlulwa nje, ingelinye lamaqembu afike kwaNdonga Ziyaduma avuka inja ebomvu inqoba imidlalo emibili kwemine.
Izolo empeleni kube wusuku lwamaqembu abengakaze avunywe yibio-bubble kwazise ne-Orlando Pirates inqobe umdlalo wokuqala kusukela ifike kulesi siyingi iguqisa iSuperSport United ngo 2-1 e-Emirates Airlines Park ngaphambi komdlalo woSuthu.
Osekubhekiwe wukuthi Usuthu, olusele nemidlalo emibili okuyiStellenbosch FC ekhaya elidala lomqeqeshi wayo uSteve Barker, luphinde luvuke namanye amaphuzu makwiHighlands Park oluzoyisingatha eLucas Moripe ngosuku lokuvala isizini uSepthemba 5.
Kumqoka ukubalula ukuthi Usuthu lunquma iLeopards nje, emaqenjini avika izembe, yiyo ebivunywa yizinto kuvulwa ibio-bubble inwengula omkhaya bezaseMbelebeleni okuyiMaritzburg United ngo 3-2 neLamontville Golden Arrows ngo 2-1.
ILeopards yona ivala isizini ngeBidvest Wits neMamelodi Sundowns nokungathathwa njengemidlalo enzima kwazise bajahana ngasesicongweni se-log.