France (1) 3
Poland (0) 1
LISESEMGQENI iphupho leFrance lokuqopha umlando wokuvikela isicoco seNdebe yoMhlaba kulandela ukunqoba kwayo kwiPoland emdlalweni we-Last 16 ngeSonto ntambama, e-Al-Thumama Stadium, eDoha, eQatar.
Inkundla ivulwe, u-Oliver Giroud, ngegoli esiwomi.beni sokuqala yavalwa uKylian Mbappe, ngamabili awanamathisele enethini ngesiwombe sesibili.
Elokubika ekhaya lePoland lishaywe, uRobert Lewandowski, okube iphenathi ebekwe i-Video Assistant Referee (VAR), umdlalo ususesikhathini esengeziwe.
Nokho izinto aziqalanga zalula kwiFrance kulo mdlalo kwazise iPoland ibukhombise ngemizuzu yokuqala emihlanu ubungozi bayo ekubeni ibibhekwe ukuthi ime emuva.
Kubathathe imizuzu engu-10 ukuthi bafudumale ompetha bomhlaba bango-2018 eRussia, kubhoke uMbappe obegingqa kwasani ngasophondweni lwesokunxele.
IFrance iwuphathe umdlalo kusukela lapho kwaze kwaba umzuzu ka-38 lapho kube umlingo ovimba ukuthi ilandele ngemuva njengoba iPoland ithole amathuba amathathu asondelene kodwa avinjwa sekuvalwe amehlo unozinti, uHugo Lloris, nezitobha uTheo Hernandez noRafael Verane ngokwahlukana.
Kuthe sekusele umzuzu owodwa ukuthi ziye ekhefini, uGiroud wabeka phambili iFrance ngegoli elimenze wahamba yedwa phambili ekuhlohlweni kwamagoli emlandweni waleli qembu lesizwe, usenawu-52.
Kwesesibili isiwombe kwiFrance bese kubhoke u-Ousumane Dembele, obese edlala ngokuhlangana noGiroud ngasophondweni lwangakwesokudla, yize bekungatheli izithelo njengoba negoli ebelizobenza bakhululeke belilokhu linqaba ukuvela.
IFrance bekuyiyona eliphethe lonke ibhola kodwa kuneminyakazo ebihamba ihambe ivele ikhombise ukuthi iPoland ingalishaya noma nini igoli lokulinganisa.
Ngomzuzu ka-74, uMbappe ukuqede konke ukuqagela ngokuthi liyaqhubeka yini iphupho leFrance lokuhamba ezinyathelweni zeBrazil yango-1958 neyango-1962 okuyiwona wodwa asaphumelele ukuvikela isicoco soMhlaba.
Ngokubona ukuthi umsebenzi usuqediwe, iFrance iwehlisile umdlalo kwaze kwaba umzuzu wokugcina lapho uMbappe eshayelele khona isipikili sokugcina ngonyazi lwegoli.
IPoland ithole iphenathi ethathwe uLewandowski ngomzuzu ka-95, yamehlula. Kuthiwe ayiphindwe ngoba uLloris ubese esukile endaweni emfanele, Kulokhu uLewandowski uyishaye phakathi.
Kwi-quarter final, iFrance izotholana phezulu nozowina phakathi kwe-England neSenegal.