KULINDELEKE ukuba kuqhume inhlokomo kuphuke nezinhliziyo emidlalweni yanamuhla yokusonga isizini kwiMotsepe Foundation Championship, phakathi kwamaqembu amathathu asembangweni wesicoco seligi.
Lilodwa phakathi kweCape Town Spurs, iCasric Stars nePolokwane City iqembu elizokhala lemuke nesicoco seMotsepe Foundation Championship namuhla ngo-3 ntambama, lingene lishushuluza kwiDStv Premiership.
Bese kuthi amabili azibekisele indawo kumaPlay-Offs neqembu leDStv Premiership elizoqeda endaweni ka-15 kwi-log.
ISpurs izotholana phezulu ne-University of Pretoria, e-Athlone Stadium, eKapa, kuthi iCasric ibhekane ne-All Stars eTsakane Stadium, eGoli, bese kuthi iPolokwane idudulane nePretoria Callies e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
ISpurs ihlezi phezulu kwi-log ngamaphuzu angu-56, iCasric isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-55, kanti iPolokwane isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-54.
Ngokwamaphuzu, libhekwe phakathi kweSpurs neCasric iqembu elizomuka nesicoco namuhla kodwa nePolokwane, isengawaphendula amatafula ishiye kukhalwa uma inganqoba bese iSpurs neCasric behlulwe.
Okulindeleke kwiCape Town Spurs: Leli qembu eliqeqeshwa nguShaun Bartlett, liwadinga ephelele amaphuzu amathathu emdlalweni walo wanamuhla eliwudlalela ekhaya namaTuks, nokulindeleke ukuba abalandeli balo baphume ngobuningi ukuzolikhomoza, emkhankasweni wokukhuza ibuya esigabeni sePremiership emuva kweminyaka.
Kanti nokudlala ngokulingana kusengayisebenzela i-Urban Warriors, inqobo nje uma izimbangi zayo iCasric nePolokwane, zingehluleka ukubuya namaphuzu aphelele.
Okulindeleke kwiCasric Stars: I-Casric okufanele izisole yona ngokulahla amaphuzu isiqhwakele phezulu kwi-log, idlala ngokulingana kuba ngu 1-1 neVenda Football Academy ngeledlule. Kufanele iwunqobe kumnyama kubomvu umdlalo wanamuhla ne-All Stars, bese ithandazela ukuthi iSpurs nePolokwane balahle amaphuzu ukuze kube yiyo emuka nesicoco.
Nokho leli qembu laKwaMhlanga, eMpumalanga, noma lingehluleka namuhla ukunqoba isicoco kodwa lisengaba nethuba kumaPlay-Offs.
Okulindeleke kwiPolokwane City: IPolokwane engasanikwe thuba elingako ekunqobeni isicoco kodwa isengawudunga umcimbi uma ingawunqoba umdlalo wayo wanamuhla nePretoria Callies. Kumele ishaye namagoli amabili nangaphezulu, bese imincela ukuthi izimbangi zayo iSpurs neCasric ziqhuzuke ukuze ikhale yemuke nesicoco ibuyele kwiPremiership.
Kanti leli qembu laseLimpopo, noma lingasinqobanga isicoco namuhla lisengathola ithuba lesibili ngokudlala amaPlay-Offs.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla - Ngo-3pm:
JDR Stars v Platinum City Rovers (Giant Stadium); Polokwane City v Pretoria Callies (Old Peter Mokaba Stadium); Hungry Lions v Magesi (Isak Steyl Stadium); Cape Town Spurs v University of Pretoria (Athlone Stadium); All Stars v Casric Stars (Tsakane Stadium); TTM v Baroka FC (Dr Molemela Stadium); Venda FA v Black Leopards (Thohoyandou Stadium)