Kaizer Chiefs (0) 1
Mamelodi Sundowns (0) 5
IMAMELODI Sundowns isidlele esibayeni sezimbangi zayo iKaizer Chiefs isicoco seligi sesikhombisa kulandelana ngesikhathi inqoba kalula umdlalo weDStv Premiership ngoLwesine ebusuku e-FNB Stadium, eSoweto.
Le wini yeSundowns kufanele wukuthi ayigcini ngokuhlaba yephukele ezinhliziyweni zabalandeli beChiefs osekuphele iminyaka ecela kwengu-10 bengayazi inkomishi kepha iyinciphisele namathuba okuqeda isizini ibalwa emaqenjini akwi-Top 8.
Sekuyihlandla lika-14 kusukela kwaqala iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996, iSundowns iba ngompetha beligi uma uqhathanisa neChiefs ne-Orlando Pirates abasadle lesi sicoco amahlandla amane ngokwahlukana.
Kulo mdlalo iChiefs ewuqede ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu, kukaGiven Msimango, esiwombeni sokuqala, kulindwe kwaze kwaba esesibili ngaphambi kokuthi, uTashreeq Matthews (oshaye amabili), avule inkundla ngegoli.
Kudlule imizuzu emine, uMatias Esquivel, washaya elakhe igoli okuyilona elibohlise nomfutho ebithi izama ukuwufaka iChiefs.
Ilitholile nokho elokubika iChiefs ngephenathi, kaMduduzi Shabalala, ngaphambi kokuthi uLucas Ribeiro, ashaye elesine lomdlalo.
Akazange asale noThembinkosi Lorch okunguyena oshayele isipikili sokugcina.
Njengoba bekulindelekile, iSundowns iwuqale ngokuthi iphathe ibhola kodwa kusobala ukuthi yize iChiefs imile emuva kodwa izinhlelo zayo zixhumeke ejubaneni lika-Ashley du Preez, oze wakhishwa esiwombeni sesibili.
Izinhlelo zeChiefs zonakale ngomzuzu ka-19, uMsimango ekhishwe ngekhadi elibomvu kulandela ukudlalisa kabi uLucas Ribeiro.
Ngaphandle kwamabhola ambalwa avinjwe, uBruce Bvuma, akukho okunye obekukhombisa ukuthi iChiefs ayisaphelele kwaze kwayiwa ekhefini.
Kubonakele nokho ukuthi uRhulani Mokwena, ukhulume bamuzwa abadlali bakhe ngoba iSundowns ibuye isilikhuphulile izinga.
Ngomzuzu ka-52, uMatthews uyibeke ebuhleni iDowns kulandela iphasi yeqophelo eliphezulu kaRibeiro.
Baswele umgodi wokucasha abeChiefs, u-Esquivel ebashiya begingqika abadlali basemuva beChiefs ngoka-55.
UMatthews ubuyile ngomzuzu ka-82. Kwadlula emithathu imizuzu, uShabalala wathola iphenathi. ULorch ube eseqedela umsebenzi sekubalwa amanenjana kuphele umdlalo.