UKUGQISHA ngobuso obusha kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, abazodudulana emdlalweni weDStv Premiership womkhaya baseSoweto, obhekwe ngabomvu, kungesinye sezinongo esenza abalandeli banhlangothi zombili bangabe beshe amashushu ngomhlangano.
Lo mdlalo ungoMgqibelo eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama. IPirates yiyona ezobe ingosokhaya.
Okwenza kube sengathi umqoka ukwedlula eminye eyomkhaya, wukuthi ufike ngesikhathi lapho iChiefs eyiqale kabi isizini, ikhombisa izimpawu zokunombela kwi-log ekubeni iPirates yona ebibukeka sengathi izoncintisana neMamelodi Sundowns embangweni wesicoco, yona imi ndawonye.
Ukuma ndawonye kwePirates sekwenze iChiefs yaze yafika emhlane wayo njengoba beya kulo mdlalo behlukaniswe yiphuzu kuphela emidlalweni ewu-12.
Ngokomlando, umdlalo womkhaya yiwona ovamise ukuzala ubudlelwano phakathi kwabalandeli nabadlali abasha kula maqembu, okuyiwona alandelwa yizinkumbi eNingizimu Afrika.
Abadlali abazofika enkundleni ngoMgqibelo benze into yamehlo, bangase babe yizintandokazi zabalandeli. Ngesikhathi esifanayo, abazoshaya udaka, bangaphenduka izitha.
*Abadlali bePirates abazobe beqala ukuyibamba kowomkhaya, abafike bakhombisa uzinzo kweZimnyama:
Monapulle Saleng: Akulula ukuphikisa ababona uSaleng engomunye wabadlali abasefomini kwiligi okwamanje. Uneminyaka engu-24. Ubuyele kwiPirates kade ebolekiswe kwiSwallows FC ngesizini edlule. Kusukela ebuyele kwiPirates, ukhombisa izimpawu zokuba yinkinga njengoba kube ubuqhawe bakhe obuqede ngephupho leSundowns, lokuvikela isicoco seMTN 8. Kulowo mdlalo uphume namagoli amabili. Ubelandelisa kwamanye awashaye kwiligi. Ukusebenzisana kwakhe noKermit Erasmus kubukeka kusamsebenzela umqeqeshi weBucs, uJose Riveiro.
Uma kungukuthi uSaleng uyaqhubeka nefomu ayikhombise nakwiLamontville Golden Arrows phambilini maningi amathuba okuthi aqede umdlalo esengomunye wabadlali bePirates okuyohlale kukhulunywa ngabo.
Nkosinathi “Bhodlela” Sibisi: Lesi siqongwane ebesingukaputeni we-Arrows, sifike kwiPirates ekuqaleni kwesizini sangena khaxa endleleni okwenziwa ngayo kwiBucs.
USibisi (27), useyiqale yonke eyePirates kusukela efikile kuyona, ngaphandle uma elimele noma enesigwebo samakhadi, okuyizinkomba zokuthi usevele ungenile ezinhliziyweni zabaqeqeshi bePirates. Osekusele wukuthi ashaye into yamehlo ngoMgqibelo, noma ashayele isipikili sokugcina ngokushaya igoli, bese eqinisekisa ukuthi akungeni lutho ngakubona.
Ndabayithethwa Ndlondlo: Lesi sikhwishikhwishi sikhombise sifika kwiPirates, sisuka kwiMarumo Gallants, ukuthi singaba yimpendulo ekwakhiweni kwamathuba azala amagoli, okuyinto ebukeka ishoda kwiBucs.
Kusukela uNdlondlo efikile useyiqale yonke imidlalo yeBucs, okukhombisa ngokusobala ukuthi unalo ithuba lokuphenduka isithenjwa nesithandwa sabalandeli.
Yize engawuqedanga odlule, benenebula iSundowns, ngenxa yokulimala kodwa kulindeleke ukuthi awuqale owabakhaya eseluleme. Uma eqhubeka nendlela adlala ngayo kusukela efikile, angalithola ngisho igoli lakhe lokuqala kwiBucs ngoba imizamo yakhe iyabonakala.
* Abadlali beKaizer Chiefs abazobe beqala ukuyibamba kowomkhaya:
Ashley du Preez: Lo mgadli waseKapa ufike kwiChiefs ethwelwe ngeqoma ukuthi uzowaqhulula amagoli, kwazise ubenza okufanayo kwiStellenbosch FC ngesizini edlule.
Kodwa akuzange kuqale kahle kuDu Preez oneminyaka engu-25 ubudala, kwazise usaphumelele ukushaya amagoli amabili kuphela emidlalweni yeligi eyisishiyagalolunye. Ukusiza iChiefs inqobe umdlalo kungamphendula isithandwa sabalandeli isikhathi eside ngoba sebekhona vele abashaya amakhala ngaye.
Zitha Kiwini: UKwinika okhule ezinkulisa zeChiefs ubuye kuyona ekuqaleni kwesizini esevuthwe ngokwanele, ukuthi angayenza eyakhe indawo emuva esikimini seChiefs.
Kuyabonakala uma ekhona, kusukela efika esuka kwiStellenbosch ngoba uwumholi futhi usevele uyishayele igoli elilodwa iChiefs kule sizini. Uma ezophumelela ukuthulisa abadlali, abafana noSaleng no-Erasmus, ngesikhathi esifanayo iChiefs iqoqe amaphuzu agcwele, noma kanjani angazifaka athi khaxa kubathandi baMakkhosi.
Yusuf Maart: Umqoka ngezindlela eziningi uMaart, ongomunye wabadlali abagqamile kwiChiefs yize iphikwa yimiphumela kwesinye isikhathi.
UMaart (27) ukhule ezitshela ukuthi uzodlala owomkhaya edlubhe umfaniswano wePirates, kwazise ukhule ezinkulisa zayo. IChiefs imthola ngemuva kokugqama esiswini kwiSekhukhune United kulandela ukuchithwa yiPirates yize ebewukaputeni ezinkulisa zayo.
Uma ezoqhubeka nala mabhola awaphekela abadlali beChiefs kule midlalo edlule, lo mdlali wasesiwini angaziphendula isithandwa ngaphezulu kwalokhu ayikhona kubalandeli baMakhosi.
*Okusashiwo ngabaqeqeshi ngowomkhaya:
Jose Riveiro: “Akukhathalekile ukuthi silwela amaphuzu, noma sizama ukuzifaka kowamanqamu womqhudelwano omqoka ,kodwa iqiniso wukuthi ukuthola umphumela oncomekayo kumqoka kubadlali ngokomqondo, ikakhulukazi uma beya komunye (umdlalo) omqoka njengalo wangempelasonto esiya kuyona.
“Uyangithokozisa umuzwa ongaphakathi ekhempini ngaphambi komdlalo omqoka futhi onzima,” kusho uRiveiro ngemuva kokubhudluza iSundowns ngo 3-0 koweMTN8.
Arthur Zwane: "Okubalulekile njengamanje wukuthi senze isiqiniseko sokuthi siyawunqoba umdlalo olandelayo wePirates. Siya emdlalweni ozoba nzima. Kulezi zinsuku iPirates yenza kahle kakhulu. Nakuba kunjalo kodwa kuzomele sisebenze kanzima. Uma singenza isiqiniseko sokuthi siyanqoba kwiPirates, ngicabanga ukuthi ulaka nezinhliziyo zabalandeli bethu kuzokwehla. Akonakele. Sizovuka sizithathe," kusho uZwane ngemuva kokuwashiswa AmaZulu kwiMTN8 ngempelasonto.