OWAYENGUMDLALI weLamontville Golden Arrows, uSheldon Roux, ukushayela ihlombe ukuba nesibindi kwabaqeqeshi beqembu, sokuvulela abadlali abasebancane abayikusasa leqembu amathuba.
UVusumuzi “Kanu” Vilakazi, oqeqesha ngokubambisana noMabhuti Khenyeza, uke wakuveza kwabezindaba ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi iqembu lisazoqhubeka nokukholelwa kubadlali abasebancane, nokuyinto ebukeka isaqhubeka nakule sizini.
IGolden Arrows isayiqale ngonyawo oluhle imidlalo emibili yokuqala yale sizini ka-2023/24 yePremiership, njengoba isibuye namaphuzu amane ngokudlala ngokulingana ngo 1-1 neMoroka Swallows, okulandelwe wukushaya iRichards Bay FC ngo 2-1 ngoLwesibili.
Ngaphandle kukaSiyanda Mthanti (19), okhushulelwe esikimini esikhulu seqembu esuka eqenjini elincane leDStv Diski Challenge, iqembu belivele linabo abadlali abangaphansi kweminyaka engu-23 abasesikimini esikhulu, okubalwa kubona uSbonelo Cele (21), uSazi Gumbi (22) noNduduzo Mhlongo (22).
UMthanti ubingelele ngegoli lakhe lokuqala kwiPremiership egqoke ijezi le-Arrows, idlala ngokulingana ngo 1-1 neMoroka Swallows, waphinde wadlala nangoLwesibili koweRichards Bay.
“Ngikholwa wukuthi ukuqhubeka kukaVilakazi noKhenyeza ukunika abadlali abasebancane ithuba, kuzogcina kuzithelile izithelo, ngoba abadlali abasebancane yibona abayikusasa kunanoma yiliphi iqembu.
Kungihlabe umxhwele ukubona umdlali osemncane onjengoSiyanda Mthanti engena edlala kahle aze ashaye negoli emdlalweni we-Arrows neSwallows ngoMgqibelo.
Ngicabanga ukuthi lokho nje kukodwa kuzokwenza lo mdlali abe nokuzethemba, azimisele kakhulu kunakuqala ukulwela ukuhlala esesikimini esiqala umdlalo. Ngakho-ke kudinga ukushayelwa ihlombe okwenziwa uVilakazi noKhenyeza, kokungesabi ukuphonsa abadlali abasebancane emphandwini wezingonyama,” kusho uRoux.
Ube esencoma nokusayinisa kwaleli qembu abanye abadlali abasavunwa yiminyaka esikhundleni sokulanda izinkoqoba zabadlali asebephelelwe wushatini ngoba kuthiwa banamava, nabagcina bengalenzelanga lutho iqembu.
“Ngaphandle kwalaba badlali abasebancane i-Arrows enabo, okuhle futhi ekwenzile wukusayinisa abadlali abasavunwa yiminyaka, abanjengoBradley Cross noLungelo Nguse, okungabadlali abasavunwa yiminyaka nabasenekusasa ebholeni, esikhundleni sokulanda abadlala asebephelelwe yisikhathi ngoba nje kuthiwa banamava.
“Okusele manje wukuthi uVilakazi, noKhenyeza basihlanganise kahle isikwati nabadlali abanamava abanjengoNduduzo Sibiya, oKnox Mutizwa, Velemseni Ndwandwe, Ryan Moon noGladwin Shitolo, ukwakha iqembu eliqinile elizokwazi ukulwela ukunqoba isicoco,” kuqhuba uRoux.
UCross noNguse (22) abasuka kwiMaritzburg United, ne-University of Pretoria ngokwehlukana, bangabanye babadlali abasayiniswe yi-Arrows ngaphambi kokuqala kwesizini.
Abafana Bes’thende asebeqinise udonga lwasemuva ngokusayinisa uBrandon Theron osuka kwiMaritzburg United, nababhekene nenselelo yokugcina umgqigqo omuhle abasaqale ngawo le sizini, bazobuyela enkundleni ngoLwesibili ngo-5 ntambama, ngomdlalo onzima neMamelodi Sundowns, eLucas Moripe Stadium, ePitoli.