LIZE layozilahla kunina elayizolo inkukhu inqunywe umlomo kwiPremier Soccer League (PSL) ngesinqumo sayo kulandela ngesicelo seKaizer Chiefs sokuhlehliselwa imidlalo kaDisemba yeDStv Premiership ngoba kuhlasele iCovid-19 eNaturena.
IChiefs igcine ingafikanga emdlalweni wayo weligi obekumele iwudlale neCape Town City eFNB Stadium ngoMgqibelo odlule.
ICity ifike enkundleni kukhala ibhungezi, iChiefs yona yayikubeke kwacaca ezitatimendeni ezishicilele kwi-website yayo ukuthi ibhalele i-PSL izincwadi ezimbili iyazisa (ngokuhaqwa kweqembu yiCovid-19), ngesikhathi esifanayo inxusa le nhlangano ukuba yamukele lokhu ekucelayo.
Isigungu esiphezulu sePSL sihlangane izolo ngenhloso yokuqedela ukucubungula kwaso lolu daba kwazise Amakhosi kumele abhekane neLamontville Golden Arrows ngoLwesithathu ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Isolezwe lithole ukuthi asiphumanga isinqumo kulo mhlangano kepha kuzophinde kuqhutshekwe namuhla.
Yize bekulindeleke ukuthi iPSL iphawule ngenxa yobuncane besikhathi ngaphambi kokuthi iChiefs ibhekane ne-Arrows, usuku lwayizolo luze lwaphela kucwebe iziziba.
Ngemuva kwesicelo seChiefs sokuthi i-PSL ihlehlise yonke imidlalo yayo okufanele iyidlale ngoDisemba, kuvele ukuthi isigungu esiphezulu sale nhlangano sihlanganile ngoLwesihlanu ohledlule kumunyungwa lolu daba kodwa sagcina singafinyelelanga esinqumweni.
Yize engekho ofuna ukuphumela obala ngale ndaba kodwa uJohn Comitis ongusihlalo weCity (ohlala emihlanganweni yesigungu esiphezulu kwiPSL), uveze kwiGagasi FM izolo ukuthi iChiefs iyitholile incwadi ngalo uLwesihlanu iyazisa ukuthi lesi sicelo iPSL isichithile.
Imidlalo yeChiefs neCity, Arrows, Sekhukhune United, Royal AM neMaritzburg United iyona leli qembu ebelicele ukuba ihlehliswe kulandela ukuqubuka kweCovid-19 ekhempini yalo.
Kusukela iChiefs ingalubhadanga emdlalweni weCity, iPSL ayikaze iphefumule yize kuyisithunzi sayo esihuduleleke phansi ngokubhuntsha komdlalo.
UComitis ukholwa ukuthi iChiefs izohlawuliswa ngokungafiki emdlalweni.
Imithombo yaleli phephandaba eseGoli ibilibikela ukuthi iChiefs izolo ibisamile ekutheni ngeke ikwazi ukuhlanganisa isikimu ngenxa yeCovid-19.
Kuthiwa leli qembu lithi ngeke likwazi ngisho ukuhlanganisa abasezinkulisa ngoba ikomkhulu leChiefs livalwe thaqa kusukela ngeledlule ngakho-ke akekho ojimayo.
Kwenzeka lokhu nje ngesizini edlule iPSL ihlawulise amaqembu ayo amabili atholakale esecaleni elifana ncamashi naleli okuthiwa lingase libekwe iChiefs. Elinye lawo iCape Umoya edlala kwiGladAfrica Championship eyahluleka ukuhlanganisa isikimu kuhlasele iCovid-19, kwabhuntsha umdlalo, yase iphucwa amaphuzu amathathu anikwa iqembu eyayizodlala nayo.
Imizamo yokuthola ukuthi zimi kanjani izinhlelo ze-Arrows ayizange iphumelele kodwa ngoMsombuluko ekuseni iphanyeke imininingwane egcwele ngomdlalo wayo wakusasa neChiefs emakhasini ayo ezinkundla zokuxhumana.