Royal AM FC (0) 0
Richards Bay (1) 1
IBUYELE esicongweni kwi-log yeDStv Premiership iRichards Bay FC ewaqoqe womathathu amaphuzu komkhaya bayo baKwaZulu-Nayal, iRoyal AM ngoLwesibili eChatsworth Stadium, eThekwini.
Kube ubuqhawe bukaLuvuyo Memela, obunikeze amaphuzu agcwele leli qembu elinqobe isigaba esiphakela esikhulu ngesizini edlule njengoba selifike kwazwakala lapho kunoju khona kwi-Premiership.
Kulo mdlalo oqale usihlalo weRoyal AM, u-Andile Mpisane, esebhentshini okokuqala kule sizini, iqembu lasekhaya ilona elifike kuqala ezintini, zikaSalim Magoola, weBay ovimbe kukubi kuhlasela uPhila Mzila, kungakapheli ngisho imizuzu emihlanu umdlalo uqalile.
UMpisane obefake unombolo-46 esikhindini, ugcine ukudlalela leli qembu lisaziwa ngeRoyal Egales ngesizini ka-2018/2019, lisagijima esigabeni esiphakela esikhulu.
Kuze kwafika emzuzwini ka-10 kungakacaci ukuthi ilona liphi kubakhaya elifuna ukuwadla wonke amaphuzu kwazise umdlalo ubumandla maphakathi nenkundla.
Nakuba bezidudulana (maphakathi nenkundla) kodwa iRoyal AM iyona okuthe ngokuhamba kwesiwombe, yaqala yabhukula nesivinini ebiphaselana ngaso kugqame, uMfundo Thikazi.
Kwayona leyo minyakazo, yize ibimihle kodwa ibingeyona ingozi kangako kumaRich Boys obekubukeka sengathi awanankinga ukuthi iqembu lasekhaya liziphathele ebholeni.
Akuzange kusize nokho ngoba izivakashi zibekwe ebuhleni wuMemela umdlalo unemizuzu engu-27 uqalile, kade kuyi-freekick kaSanele Barnes, echotshwe unozinti weRoyal AM, uHugo Nyame.
Bekumele ayibeke phambili iBay uNtuthuko Mabaso kulandela ibhola elihle aligotshelwe uSomila Ntsundwana, kodwa walishaya eceleni kwepali engamakwe muntu ngomzuzu ka-36.
Ithuba lokuqala esiwombeni sesibili litholwe uNtsundwana kodwa kodwa langangena uNyame elivimba.
UThikazi naye ubengehlisile esiwombeni sesibili njengoba iminyakazo yakhe ibilokhu ibasukumise njalo abalandeli yize eminingi yayo ibiphelela ezandleni kuMagoola noma idlule kancane eceleni kwamapali.
IRoyal AM ibilokhu izame njalo ukulinganisa kwaze kwaba umdlalo uyaphela yagudluka kanjalo esicongweni.