I-Al Ahly (0) 0
I-Wydad Athletic (1) 2
UHLULEKILE ukuqopha umlando ngokuba umqeqeshi wokuqala ukuthatha isicoco seCaf Champions League iminyaka emithathu ilandelana umqeqeshi wakuleli, uPitso Mosimane, ngesikhathi iqembu lakhe i-Al Ahly lithelwa phansi yiWydad Athletic kowamanqamu ngoMsombuluko ebusuku.
Iqhawe kube uZouhair El Moutaraji oshaye igoli esiwombeni ngasinye kulo mdlalo obubanjelwe eMohammed V Stadium eCasablanca, eMorocco nokuyinkundla esetshenziswa yiWydad.
Abalandeli baleli qembu laseMorocco benze umehluko omkhulu zibekwa nje nokunike iWydad umfutho ngasekuqaleni komdlalo. Umgadli waseCongo, uGuy Mbenza, uyena ophunyuke kuqala ngakwesokudla ngomzuzu ka-11, ishodi lakhe lashaya ipali.
Umsindo unyuke kakhulu enkundleni ngomzuzu ka-15 ngesikhathi u-El Moutaraji edonsa intambo engaphandle kwebhokisi eqonde ngqo enethini, wasala ephebeza umoya unozinti we-Al Ahly, uMohammed El Shenawy.
Iqembu likaMosimane ebelivikela isicoco, liwatholile amathuba amahle okushaya igoli lokulinganisa ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini kodwa u-Yasser Ibrahim ulingqomfele eceleni engamakiwe ngomzuzu ka-25, noTaher Mohammed wenza okufanayo ngoka-35.
IRed Devils ijezisiwe ngokungawasebenzisi lawo mathuba kusaphele imizuzu emithathu kuqale isiwombe sesibili. U-El Moutaraji uvalele igoli lakhe lesibili eseduze nepali ngemuva kokuthi u-El Shenawy ehlulekile ukubamba ishodi lakhe lokuqala.
UMosimane uzenzile izinguquko esiwombeni sesibili efaka abadlali abanjengoMohamed Magdy, owaziwa ngelika-Afsha, nomgadli uMohamed Sherif.
U-Afsha iqhamuke kahle ngakwesokunxele ngomzuzu ka-71 waqede wakhahlela ekude kodwa amehlo ubewavulile unozinti we Wydad, u-Ahmed Tagnaouti.
Lo nozinti uphinde wasebenza ngomzuzu ka-81 evimba ibhola ebeliyingozi likaSalah Mohsen, walithatha nasezinyaweni kuTau sebebhekene bobabili ngomzuzu ka-84.
IRed Devils ihlasele kwaze kwasekugcineni kodwa umdlalo wagcina uphele ngo 2-0. Lokhu kusho ukuthi iWydad isinezicoco ezintathu zeChampions League, kanti i-Al Ahly isamile kwezingu-10.