KUFANELE ukuba uhleka yedwa omunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, kulandela umthetho obekwe yiFifa ogunyaza onondweba ukufaka isikhathi esengeziwe esithe-xaxa kunesijwayelekile, ngenhloso yokugwema ukumosheka kwaso koweNdebe yoMhlaba eseQatar.
Enye yezinto esheshe yaqapheleka kweyoMhlaba eqhubeka eQatar, wubuningi besikhathi esifakwa wonondweba ngaphambi kokuthi ziye ekhefini nangemuva kwemizuzu engu-90.
Kufakwe imizuzu engu-26 sekuhlanganiswe iziwombe zombili emdlalweni we-England ewunqobe kwi-Iran ngo 6-2, kwathi koweWales ne-USA kwafakwa engu-10.
Emdlalweni okusakhulunywa ngawo namanje lapho iSaudi Arabia iphoxe khona i-Argentina, kudlalwe imizuzu engu-114 esikhundleni sengu-90 ngenxa yakho ukufakwa kwesikhathi esengeziwe esiningi. Isikhathi esiningi kulo mdlalo, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala simosheke kulimala unozinti we-Iran.
Ezinyangeni ezimbili ezedlule, uMngqithi ukhuze umkhuba wabadlali wokumosha isikhathi ngabomu, ngemuva komdlalo wezakhe weligi neChippa United eziwunqobe ngo 1-0.
Yize iSundowns igcine iwunqobile lo mdlalo kodwa uMngqithi waxwayisa onondweba ngokuthi uma beqhubeka nokungawunaki lo mkhuba, umphumela wakhona uzonyomfa igama lePremier Soccer League (PSL).
“Angazi noma izwe liyabona yini ukuthi emizuzwini engu-90 okufanele ngabe kudlalwa ngayo ibhola, imizuzu ecela kuhhafu walokhu umdlalo usuke umile?
“Ukuvunyelwa kwabathile ukumosha isikhathi, kuzogcina kubulala ibhola lethu, ngakho-ke i-PSL kumele ikusukumele lokhu ukuze igweme inkinga enkulu ngokuzayo, ” kusho lo mqeqeqshi kwabezindaba ngasekuqaleni kukaSepthemba.
Ngokusho kukaPierluigi Collina, oyinhloko yonondweba kwiFifa, okwenzeka kwiNdebe yoMhlaba, bekuvele kuhleliwe ngenhloso yokubuyisa isikhathi esilahleka ngenxa yokulimala kwabadlali, abajabulela amagoli ngokweqile, ukushintshwa kwabadlali, amakhadi kanjalo nesikhathi esichithwa kulindwe izinqumo zeVideo Assistant Referee (VAR).
“Siqale eRussia ngo-2018 ukuyicubungula eyesikhathi esimosheka kumiwe, sase sibadonsa ngendlebe bonke onondweba abazodlalisa eQatar ukuthi baqinise isandla kulokhu,” kusho unondweba wodumo osewayilengisa emgibeni impempe ekhuluma kwi-ESPN.
“Sesifikile isikhathi sokuthi abantu bakujwayele ukufakwa kwemizuzu ecela kwengu-10 kungabi ndabazalutho.
“Abalandeli bazele ukuzobuka ibhola lidlalwa, ngakho-ke isikhathi esimosheka kumiwe kusemqoka ukuthi sibuyiselwe kubona,” kusho uCollina.
No-Ace Ncobo owayengunondweba kwiPSL, ukhombise izimpawu zokukuthakasela lokhu ngombhalo awufake ekhasini lakhe kwiTwitter muva nje.
“Ayikho into engijabulisa kule Ndebe yoMhlaba njengokubona onondweba bebuyisa isikhathi esilahleka kusalindwe izinqumo zeVAR, kujatshulelwa amagoli, abalimalayo nesilahleka ngesikhathi kwenziwa izinguquko.
“Abalandeli bafanelwe wukubuka zidudulana, okungenani imizuzu ecishe isondele kwengu-90 okuyiyona abasuke beyikhokhele. Jabula uma ubona kwengezwa imizuzu engu-11,” ubhale kanje kwiTwitter.