Senegal (0) 0
Netherlands (0) 2
ZIPHUKE ngemizuzu yokugcina izinhliziyo ze-Afrika ngesikhathi iNetherlands inqoba ekugcineni kwiSenegal emdlalweni ka-Group A weNdebe yoMhlaba ngoMsombuluko ebusuku, e-Al Thumama Stadium, eQatar.
Kube igoli likaCody Gakpo noDavy Klaasen, abawashaye ngomzuzu ka-84 noka-90 okubeke iSenegal esimweni sokuphoqelekla ukunqoba kwi-Ecuador neQatar kwelandelayo uma izimisele ngokudlula kweyamaqoqo.
Akukho minyakazo ethusayo ebonakale emizuzwini yokuqala engu-15 yalo mdlalo ngaphandle kokuthi iSenegal iyona ebukeke sengathi ihleleka kuqala ngokwendlela ebifuna ukudlala ngayo.
Ngaphandle kokuphucwa kalula ibhola maphakathi nenkundla obekwakhela abadlali abanejubane beNetherlands amathuba, iSenegal iwuqale ngendlela enokuzethemba lo mdlalo yize ebengekho ukaputeni wayo oyihola njalo njengesibani, uSadio Mane, olimele.
Ngomzuzu ka-19, uFrankie de Jong, ubambezele ibhola waze wavinjwa enethuba lokubeka iNetherlands phambili ebhekene nonozinti weSenegal u-Edouard Mendy.
Kuqhubeke ngendlela efanayo, iNetherlands ithola amathuba yize ebengeyona ingozi, neSenegal ikhombisa izimpawu zokuqina esiswini kodwa ingawakhi amathuba kwaze kwayiwa ekhefini.
Kuhambe kwaze kwaqala kwacaca ukuthi umdlalo uzohamba ngegiya elifanayo nelakwesokuqala (isiwombe).
Nakulesi siwombe sesibili bezikhona izigigaba neminyakazo eqhamuka namazwe womabili kodwa bezingathusi ngaleyo ndlela.
Kwale ngisho bobabili abaqeqeshi sebenze izinguquko kodwa lalokhu linqabe njalo igoli, yize umdlalo ubushisa kwazise bezishukana nhlangothi zombili.
Sekusele imizuzu eyisithupha ukuthi umdlalo uphele, uGakpo uphule izinhliziyo zabaseSenegal ne-Afrika yonkana, eshaya igoli nokho okugqame kulona iphutha likanozinti weSenegal uMendy, ophumele ibhola kodwa wabuya eshwiba izandla.
Akuzange kuyehlise lokhu iSenegal kwazise iqhubekile nemizamo yokuthola igoli lokulinganisa kodwa kwagcina kuphele kanjalo ngokuthi uKlaasen ashaye elesibili esikhathini esengezwe unondweba.