AKUSENSUKU zatshwala iqale iNdebe yoMhlaba yaseQatar, okuke kwaba nezimpawu zikagcobho kusukela imenyezelwa eminyakeni engu-12 edlule.
Kubethusile abawuqondayo unobhutshuzwayo ukuthi izwe elingenawo umlando otheni kulo mdlalo njengeQatar, linikwa kanjani igunya lokusingatha iNdebe yoMhlaba?
Ngaphandle kwezinsolo zokufunjathiswa kwezikhulu zeFifa ukuba zivumele lo mqhudelwano ukuthi ube sezweni elisolwa ngokuba nemithetho elicindizela amalungelo abantu, kukhalwe kakhulu ngendlela obekuphethwe ngayo abasebenzi abangabokufika eQatar, abebakha izinkundla.
IFifa ihlale njalo ikuqhakambisa ukubekwa phambili kwamalungelo abasebenzi kodwa kulokhu ayenzanga lutho yize imibiko ibisabalele umhlaba wonke.
Baningi abasebenzi abangabokufika eQatar, okubikwe ukuthi balahlekelwe yimpilo yabo ngenxa yezimo ezingamukelekile abebesebenza ngaphansi kwazo ngesikhathi kwakhiwa izinkundla okuzodlalelwa kuzona lo mqhudelwano.
Kuvele nendaba yokunganakwa kwamalungelo, ikakhulukazi, awabantu besifazane kuleliya lizwe nezijeziso ezinzima uma kuke kwatholakala ukuthi abantu bobulili obufanayo bayathandana kumbe bashadile.
Kuxakile nokuthi kuvunywe kanjani ukuthi iNdebe yoMhlaba idlalelwe ezweni isimo sakhona sezulu esiphoqa ukuthi izinkundla zibe neziqandiso (air conditioner)?
Ngenxa yesimo sezulu esingahambisani nokudlalwa kwebhola ngoJuni eQatar, lo mqhudelwano uhlehliselwe kuNovemba, okuyinto eze nezayo izinkinga.
Owayengumengameli weFifa, uSepp Blatter, usanda kuphumela obala kwiphephandaba laseSweden, iTages Anzeiger, evuma ukuthi kwaba yiphutha ukuthi lo mqhudelwano uyiswe eQatar.
Okumele ukwazi ngeQatar: Kunemibiko yokuthi iQatar ilona izwe elinomnotho ukuwedlula wonke emhlabeni.
IQatar iyizwe elingelikhulu elibuswa umthetho wamaSulumane. Abesifazane kabavumelekile ukuveza amadolo noma amahlombe kunoma yini abayigqokile.
Iphakathi kweBahrain ne-United Arab Emirates (UAE) kanti ihlangene ngomngcele neSaudi Arabia.
Izinkundla eziyisishiyagalombili okuzodlalelwa kuzona:
– Al Bayt Stadium, ese-Al Khor, emumatha 60 000 izosingatha umdlalo wokuvula umqhudelwano.
– Ahmad Bin Ali Stadium, ese-Umm Al Afaei, emumatha 40 000 izosingatha owe-Last 16 neminye yamaqoqo.
– Al Janoub Stadium, ese-Al Wakrah, emumatha 40 000 izosingatha eyamaqoqo nowe-Last 16.
– Khalifa International Stadium, eseDoha, 40 000, izosingatha eyamaqoqo, owe-Last 16 nowombango wendawo yesithathu.
– Educational City Stadium, ese-Al Rayyan, emumatha 40 000, izosingatha eyamaqoqo, Last 16 ne-quarter final.
– Lusail Stadium, eseLusail, emumatha 80 000, izosingatha imidlalo kusukela kweyamaqoqo kuze kufike nomdlalo wamanqamu ngoDisemba 18.
– Stadium 974, eseDoha, emumatha 40 000, izosingatha eyamaqoqo neye-Last 16.
– Al Thumama Stadium, eseDoha, emumatha 40 000, izosingatha eyamaqoqo, owe-Last 16 nowe-quarter final.
Lo mqhudelwano uzodlalwa ngendlela ejwayelekile lapho kuzophuma khona amazwe amabili kuwona wonke amaqoqo bese kudlulelwa kwi-Last 16 ezolandelwa eyama-quarter final, kuze eyandulela eyamanqamu bese kuyasongwa ngoDisemba 18 eLusail Stadium, eLusail.
Esewonke amazwe azobanga le Ndebe yoMhlaba ami kanje:
Group A: Qatar, Ecoador, Senegal, Netherlands
Group B: England, Iran, Wales, USA
Group C: Argentina, Saudi Arabia, Mexico, Poland
Group D: France, Australia, Denamark, Tunisia
Group E: Spain, Costa Rica, Germany, Japan
Group F: Belgium, Canada, Croatia, Morocco
Group G: Brazil, Cameroon, Serbia, Switzerland
Group H: Portugal, Ghana, Korea Republic, Uruguay.
IFrance iyona evikela isicoco esidle ngo-2018, eRussia.
IBrazil izoqala lo mqhudelano kuyiyona ephethe irekhodi lokusidla kaningi kunawo wonke amanye amazwe isicoco somhlaba (amahlandla amahlanu).
I-Italy engekho eQatar, isisidle kwaba kane bneGermany bese kuthi iFrance, Uruguay ne-Argentina basasidle amahlandla amabili.
I-England neSpain basasinqobe kwaba kanye lesi sicoco.
Osingaye, iQatar, ilona izwe elizobe lidlala okokuqala ngqa koweNdebe yoMhlaba.