KUNGASE kuphele inyanga eseke wabonakala enkundleni ukaputeni weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune. Ngempelasonto unozinti uzicelele ukukhishwa ekhala ngobuhlungu abebuzwa enyongeni esiwombeni sokuqala somdlalo weDStv Premiership abawunqobe eKapa, kwiStellenbosch FC.
Ngesikhathi uKhune (35), ecela ukukhishwa kungakabi yikhefu, kube novalo kubalandeli beqembu abamthandayo unozinti. UKhune uke wahlala isikhathi eside engabonakali enkundleni ngenxa yokulimala.
Indawo kaKhune odlale imizuzu engu-38 wangenelwa yigoli, ithathwe uBrendno Petersen, ongene wavimba kahle.
UKhune akazange ayiqale isizini emapalini eChiefs ngoba imidlalo yokuqala ibivinjelwe nguBruce Bvuma noPeterson. Umqeqeshi u-Arthur Zwane, ugcine ephoqeleka ukubophela uKhune ngenxa yamaphutha abenziwa yilabo nozinti.
“Bengicabanga ukuthi umthambo wakhe wenyonga udabukile ngendlela abekhomba ngayo (lapho alimele khona), nokuthi akalinyazwanga muntu bekungithusa kodwa kuthe uma sengixoxa naye ngathola ukuthi akuyona inkinga enkulu kangako,” kuchaza uZwane kwabezindaba.
“Ngiphinde ngakhululeka kakhulu sengitshelwa odokotela beqembu ukuthi umonakalo kulo nozinti awumkhulu njengoba bebecabanga ngakho-ke kungaphela inyanga esikuyona esebuyile uKhune.
“Noma ngingeke ngisisho ngqo isikhathi uKhune azosihlala engadlali kodwa kungenzeka kufike isikhathi somdlalo womlenze wesibili weMTN 8 eseluleme. Sizomqapha ngeso lokhozi kusuka manje kodwa iqiniso elithokozisayo ukuthi akukubi njengoba besicabanga,” kusho uZwane.
Amakhosi anomdlalo omqoka naMaZulu FC kowomlenze wesibili wowandulela owamanqamu weMTN 8 ngo-Okthoba 23 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Umlenze wokuqala womdlalo eGoli, waphela zibambene ngo 1-1 nokubeka Usuthu endaweni enhle ngokuthola igoli lasekuhambeni.
NgoMgqibelo ngo-5.30 ntambama, iChiefs izokwamukela iChippa United koweDStv Premiership, eMoses Mabhida Stadium. Lo mdlalo uzolandelwa ngowango-Okthoba 19, neTS Galaxy eFNB Stadium. Lena iyona midlalo angase angabonakali kuyona uKhune.
Esithangamini esifanayo nabezindaba ngemuva koweStellenbosch FC, ngempelasonto, uZwane uchome uphaphe lwegwalagwala umgadli wakhe ovuthayo kulezi zinsuku uCaleb Bimenyimana, waseBurundi, oseshayele iChiefs amagoli eligi ayisithupha yize efike isiqalile imidlalo yeligi.
“Into amnandi ngayo uBimenyimana ukuthi akayena umgadli othembele ezikhwepheni kuphela kepha usenzela okuningi kube lula njengokugcina ibhola, ukulicela ezikhaleni nokubhakuzisa inethi.
“Alimethusi ibhola uma likuyena futhi ufana nesibusiso uma uzokhumbula ukuthi sijwayele ukumdlalisa no-Ashley (Du Preez) ongumdlali wejubane isikhathi esiningi,” kuphetha uZwane.