IYAQONGA ingcindezi kumqeqeshi weKaizer Chiefs okuze kube yimanje usahluleka ukwenza umehluko kuleli qembu elimqashe libheke lukhulu kuyena.
Amakhosi asendaweni yesishiyagalombili kwi-log yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-22. Lokhu kusobala ukuthi kulahlisa ithemba kubalandeli lokuthi Amakhosi azoyithola indawo emiqhudelwaneni yeCaf okuyiChampions League neConfederation Cup.
Akubuzwa futhi ukuthi sewehlile umfutho abalandeli abebenawo ngoNabi ngesikhathi ethulwa eNaturena ekuqaleni kwesizini kwazise bekunedumela lokuthi uwine isicoco seligi nendebe kwiYoung Africans yaseTanzania ngaphambi kokujoyina Amakhosi. Ngaphambi kwekhefu leFifa, abalandeli beChiefs basale bejabhile kulandela ukuxetshulwa kwayo ngo 2-0 yiRichards Bay emdlalweni wePremiershp eMlaza. Ngaphansi kukaNabi kule sizini, iChiefs isawine imidlalo eyishumi, yadlala ngokulingana kweyisihlanu, yahlulwa kweyishumi uma sekubhekwa kuyona yonke imiqhudelwano.
NgoMgqibelo, lo mqeqeshi waseTunisia uzothola ithuba lokwesula izinyembezi zabalandeli baseThekwini uma ezakhe sezibhekene neLamontville Golden Arrows emdlalweni wePremiership eMoses Mabhida Stadium ngo-3.30 ntambama. Lo mdlalo bekufanele udlalelwe eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, kodwa washintshelwa eMabhida ekupheleni kwesonto eledlule.
Nakuba abalandeli sebeyiphendula 'iculo' indaba yebhodwe likaNabi kodwa usamile ekutheni bazoncinda iminwe uma esephakile.
"Kuyiqiniso ukuthi siyalakha iqembu. Iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs alakhiwa ngezinyanga eziyisithupha noma eziyisikhombisa. Udinga isikhathi esingaphezulu kwalokho. Into esiyazi kahle wukuthi siyakwazi esikudingayo ukuze sibe neqembu elingcono. Ukuthi siyehlulwa noma siyawina ngomuso akusho ukuthi sekufanele sisho okuhlukile. Kufanele ngikugcizelele ukuthi siyakha futhi sikwazi kahle esikudingayo," kusho uNabi.
Nakuba abalandeli sebeqala ukungabaza ukuthi kukhona okuhle okuzolethwa nguNabi eNaturena kodwa abaphathi beqembu basame naye. Lokhu kufakazelwa wukuthi bavule izandla ngokumsayinisela abadlali abafunayo okuyinto ebingenzeki kwabanye abaqeqeshi eminyakeni edlule. Ngaphezu kwalokho, uNabi unikwe ithuba lokufika nethimba labaqeqeshi eliqokwe nguyena.
Isikhulu sezokumaketha kwiChiefs, uJessica Motaung, sicashunwe sithi:"Engingakusho wukuthi sinethimba labaqeqeshi, sinomqeqeshi, benza umsebenzi futhi bayesekwa ukuze basebenze. Siyazi ukuthi kuzothatha isikhathi eside. Asikaze sicabange ukuthi sizovuna izithelo ngokushesha. Kodwa ngicabanga ukuthi izifundo zikhona. Ucwaningo lukhona. Abalandeli ngingabakhuthaza ngokuthi abaleseke iqembu, baqiniseke ukuthi siyafika esiphethweni sesizini."