IFNB Varsity College Comets ihlose ukuqopha umlando njengoba izobhekana neFNB WSU emdlalweni wokugcina wesizini kwiFNB Varsity Shield.
La maqembu azodudulana eVarsity College, eDurban North, ngoLwesine ngo-4 ntambama.
Uma iComets iwunqoba lo mdlalo izoba yinyuvesi yokuqala yaKwaZulu-Natal ukungena esigabeni esiphezulu kulo mqhudelwano wombhoxo.
Iqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-27 emidlalweni eyisithupha kwiVarsity Shield. Inqobe imidlalo emihlanu yahlulwa kanye.
Umqeqeshi uJeremy McLaren unethemba lokuthi ukubhekana naleli thuba eliyingqayizivele kuzoqhubeka nokubakhuthaza abadlali bakhe.
“Ithuba lokudlala kwiVarsity Cup ngesizini ezayo yilona elisinike umfutho kuleli sonto,” usho kanje lo mqeqeshi.
I-WSU, eqhamuka e-Eastern Cape, isendaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni eyisithupha. Inqobe umdlalo owodwa, yahlulwa kwemihlanu.
Ibambene ngamaphuzu ne-UKZN Impi neBlues yase-University of Fort Hare, okusho ukuthi nayo iyawadinga amaphuzu ukuze igweme ukugawulwa yizembe.
“Bayiqembu elinamandla amakhulu ngakho-ke kufanele sidlale umbhoxo osezingeni eliphezulu,” uqhube kanje uMcLaren.
Amathikithi alo mdlalo atholakala kwi-website iQuicket ngo-R15.
Khonamanjalo, i-UKZN Impi izolwela ukuzihlenga ezembeni uma isitholene phezulu nelinye la maqembu asengozini, i-University of Fort Hare, eHoward College ngoLwesine ngo-7 ebusuku. Kuzongenwa mahhala kulo mdlalo.