Tuks FC (0) 1
Baroka FC (0) 0
ILINDE kwaze kwaba yimizuzu yokugciina ukuba izibeke ebuhleni emidlalweni yokuhlunga i-University of Pretoria ngokunqoba kwiBaroka FC ngeSonto ntambama eTuks Stadium, ePitoli.
Kudlalwe kwaze kwasala imizuzu emibili ukuthi unondweba aqede kwaba ima umdlalo uthola igoli ngonyawo lukaKamohelo Pheene, ngemizuzu yokugcina.
Okucace ngemizuzu yokuqala ukuthi iBaroka iyona ebizele ukuzodlala kodwa lokhu bekungasho ukuthi iyingozi kwiTuks kwazise ibiphaselana impela kodwa ezindaweni ezingeyona ingozi.
Ngokuhamba komdlalo, iqembu lasekhaya liqalile ukukhuphula umfutho kwavela namathuba yize nawo ebengeyona ingozi kuBaolefa Pule obesezintini zeBaroka.
Bekumele ayibeke ebuhleni iTuks, uSikhosonke Langa, ngomzuzu ka-21kade kuyikhona kodwa ibhola abethu ulingqofela nethini lashaya ipali ladlula ngaphezulu.
Kudlule imizuzu engu-10 kwenzeke lokhu kwaphinde kwavela ithuba elihle azakhele lona, uThabang Sibanyoni kodwa wagezwa uPule ezintini zezivakashi.
Nonozinti weTuks, u-Edward Maova, uyilamulele kaningi yize isikhathi esiningi ibhola belisuke lichotshwe uyena ngenxa yemvula.
Size sasongwa isiwombe sokuqala kugqame onozinti nhlangothi zombili okuyibona abavimbe amabhola amabi ngokwahlukana.
Yize amathuba ebengemaningi njengasesiwombeni sokuqala kodwa womabili la maqembu abekhombisa izimpawu zokulibeka phansi ngokukhululeka emuva kwekhefu.
Nakuba kuyiTuks ebifika iphindelela kuPule kodwa neBaroka ibisiqala ukudlala njengeqembu eliphekwa uDan “Dance” Malesela, kwazise bese benikana kuchwaze idlanzana labalandeli bayo abebeyiphelezele.
Ziqhubeke nokuthengana ikakhulukazi maphakathi nenkundla kwaze kwaba umzuzu ka-88, lapho uPheeane eweze khona iqembu lasekhaya ngegoli alishaye egijima ngesikhathi kubukeka sengathi izivakashi izona ezingqongqozayo.
Umdlalo wokuhlunga olandelayo uphakathi kweRichards Bay FC ezokwamukela iTuks ngoLwesithathu ngo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.