UNETHEMBA lokuthi iqembu lakhe lizoqhubeka nomdlalo omuhle eliwukhombise esiwombeni sesibili ngesikhathi libhekene neBafana Bafana, umqeqeshi weBenin, uGernot Rohr.
IBenin izobhekana neLesotho emdlalweni wayo wesibili kaGroup C kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026. Livule le midlalo ngebatha, lihlulwa iBafana ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelasonto edlule.
Umdlalo wayo neLesotho uzodlelwa eMabhida kusasa ngo-3 ntambama, njengoba labo omakhelwane beNingizimu Afrika bengenayo inkundla esezingeni lokubamba imidlalo yamazwe ngamazwe.
Womabili amagoli eBafana Bafana angene esiwombeni sokuqala eqhamuka kuPercy Tau noKhuliso Mudau. Elokubika lezivakashi lishaywe wukaputeni uSteve Mounie maphakathi nesesibili.
URohr uthe indlela abaqale baphinde bavala ngayo isiwombe sokuqala iyona eholele ekutheni bathwale kanzima. Uthe kumkhuthazile ukubona ezakhe zivuka kwesesibili zifaka iqembu lasekhaya ngaphansi kwengcindezi.
"Sibhekane nobunzima esiwombeni sokuqala njengoba singenelwe amagoli ngezikhathi ezimbi kakhulu, emizuzwini yokuqala nangemizuzu yokugcina yesiwombe. Bekungelula ukugqugquzela abadlali bami ngesikhathi kuyiwa ekhefini. Sizamile ukwenza lokho futhi sadlala kangcono esiwombeni sesibili,” kusho uRohr.
"Sidlale kangcono kakhulu ngesiwombe sesibili, kwala kancane ukuthi sidlale ngokulingana. Sizamile kodwa besingenaso isipiliyoni sabadlali beMamelodi Sundowns. Ububona ukuthi bazana kakhulu kanti thina asinayo into enjalo eqenjini lethu.
"Uma uneqembu labadlali abayisithupha noma abayisikhombisa abaqhamuka eqenjini elilodwa kulula ukuthi babonane enkundeni. Yilokho abakwenzile, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Bese sishintsha kancane ngesiwombe sesibili.
“Silahlekelwe isitobha sethu, u-Olivier Verdon, okudingeke ukuthi agoduke ngenxa yokudlula emhlabeni kukamfowabo. Omunye wabagadli bethu ubegula wakwazi ukudlala imizuzu engu-45 kuphela. Angiqondile kodwa ukubeka izaba, iBafana ibingcono kodwa sithemba ukuthi sizodlala kangcono ngoLwesibili neLesotho."
Iqembu likaRohr lizobe libheke iphuzu lokuqala ku-Group C, iLikuena isilitholile iphuzu elibalulekile ngokudlala ngokulingana ngo 1-1 neNigeria e-Godswill Akpabio Stadium e-Uyo ngoLwesine olwedlule.
URohr ulindele ukuthi ezakhe zikwazi ukumelana neLikuena esikhombisile ukuthi iyakwazi ukulwa.
“Kuleli qoqo sinamazwe ayisithupha kanti silindele ukuthi yonke imidlalo ibe nzima, wumqhudelwano omude. Sesibonile kwenzeka izimanga iNigeria ihluleka ukunqoba ekhaya.
"Sinethuba lokudlala kangcono enkundleni efanayo ngoLwesibili. Kuyajabulisa ukuthi sizophinde sidlale kule nkundla enhle kangaka kodwa sidinga ukuziphatha kahle emuva futhi sigweme ukungenelwa amagoli ngezikhathi ezibucayi,“ kusho uRohr.