UKUDLALELA ukufa nokuphila kwabadlali bakaSteve Barker, kushiye lo mqeqeshi weStellenbosch FC egculisekile njengoba iphupho leqembu laseKapa, seliqale phansi kwiCaf Confederation Cup.
IStellies inqobe okokuqala ngqa kulo mqhudelwano ngegoli likaDevon Titus, alingqofele enethini ngomzuzu wokugcina benqoba kwiCD Lunda Sul yase-Angola, emdlalweni ka-Group B ekuhambeni ngempelasonto edlule.
EzikaBarker bekumele ziwunqobe noma yikanjani lo mdlalo ngoba leli qoqo ziliqale ngenduku kweyokuqala emibili. Zikhale ngaphansi kwiStade Malien yaseMali ekuhambeni, neRS Berkane yaseMoroco ekhaya.
Ngokwalo mqeqeshi ozokwamukela iMamelodi Sundowns namuhla ngo-7.30 ebusuku, koweBetway Premiership eCape Town Stadium, okumhlabe umxhwele wukuthi abadlali bakhe badlalise okwabantu abebekuqonda ukuthi ukwehlulwa bekuzosho ukuphela kohambo lwabo kulo mqhudelwano.
“Kwesinye isikhathi sishawa ngoba isitha sisehlula ngokomfutho kodwa kulokhu bonke abadlali beStellies bakhombisile ukuthi bebebuqonda ubumqoka bamaphuzu agcwele,” kusho uBarker esithangamini nabezindaba ebesihlelwe yiCaf.
“Ukuba sishayiwe kulo mdlalo, bekuzobe kuphelile ngephupho lethu lokuhamba ibanga elide kwiConfed Cup, ngakho-ke lo mphumela umqoka. Kuyajabulisa nokuthi iwini yethu yokuqala sesiyitholile, sithemba ukuthi izovula izinhlanhla.
“Livukile iphupho lethu ngalo mqhudelwano ngoba imidlalo emibili elandelayo isekhaya neMalien, neLunda Sul ngokwahlukana.
“Asikungabazi ukuthi singawaqoqa amaphuzu ayisithupha kuleyo midlalo bese sibheka ukuthi abanye bona benzenjani kweyabo.
“Le wini izovusa okuningi kithina kodwa okuseqhulwini ukuzethemba njengoba nesizini isingena esigabeni lapho imidlalo isimqoka ngendlela efanayo kuyona yonke imiqhudelwano,” kusho yena.
IStellies izoba yiqembu lokuqala laseNingizimu Afrika, elizovivinya umqeqeshi omusha weSundowns, uMiguel Cardoso.