ISITOBHA seMaritzburg United, uKeagan Ritchie, siyaleze abalandeli beqembu ukuthi bangalibheki ibhola elihlabahlosile kubona emidlalweni elandelayo yeDStv Premiership, ngoba indawo abahleli kuyona kwi-log, ibaphoqa ukuthi bayele ukuyolwa kuyona yonke imidlalo.
URitchie ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leTeam of Choice, ngaphambi kokubhekana nabakhaya, AmaZulu FC koweligi namuhla ngo-5 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IMaritzburg ilokhu idlalele ngasezembeni kusukela kuqale isizini kodwa umphumela wakamuva ewuthole ngokubambana ngo 0-0 neRichards Bay FC ngeledlule, uyisusile emsileni.
Lokhu kubukeka kuyikhuthaze yonke ikhempu yeMaritzburg ngoba okushiwo wuRitchie mayelana nemidlalo elandelayo kukhomba ukuthi bonke bayasibona isimo esingesihle iqembu elikusona.
“Kuzoba wumdlalo olukhuni kithina kwazise abadlali baMaZulu basenza konke okusemandleni ukuthatha iso lomqeqeshi wabo omusha,” kusho uRitchie.
“Inkinga enkulu wukuthi indawo esihleli kuyona yimbi futhi siyazi ukuthi iwini kuMaZulu singazithola sesisondele kumbe sesiphakathi kwi-Top 8.
“Kusemqoka ukuthi siqhubeke nempi esiyikhombise sibhekene neRichards Bay ngeledlule ngoba yiyona kuphela ezosisusa kulesi simo esibi esikusona.
“Ngiyakholelwa ekutheni sinawo amava namangwevu okubuya namaphuzu amathathu eThekwini, kodwa konke kulele ekutheni abazobe besenkundleni, bayakukholwa yini bona lokhu,” kuqhuba uRitchie oke wadlala kwiKaizer Chiefs, Moroka Swallows, Bloemfontein Celtic futhi uke walunguza naphesheya kwezilwandle.
Ngokwakhe, ukhiye wokusuka kweTeam of Choice endawo embi ehleli kuyona, ulele ekutheni bakhohlwe wukudlala ibhola elihehayo.
“Siyaqonda ukuthi kungumsebenzi wethu ukujabulisa abalandeli bethu ngengcwenga yebhola, kodwa okwamanje ngicela baxole ngoba kuzoma lokhu. Indawo esikuyona kwi-log ayiyinhle neze.
“Uma siqhubeka nokulwa njengoba senzile kwiRichards Bay, angingabazi ukuthi kungathi kuyophela isizini sibe sesikhohliwe nokuthi sike salengela ezembeni,” kusongauRichie.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-5pm: AmaZulu v Maritzburg United (Moses Mabhida Stadium).
Ngo-7.30pm: Kaizer Chiefs v TS Galaxy (FNB Stadium); Mamelodi Sundowns v Marumo Gallants (Loftus Versfeld); Richards Bay v Cape Town City (King Zwelithini Stadium); Swallows v Royal AM (Dobsonville Stadium).