Swallows FC (0) 1
Kaizer Chiefs (2) 2
ISIBINDI sokuqala umdlalo ngabadlali abane baphambili, sika-Arthur Zwane, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, sithele izithelo ngesikhathi leli qembu laseNaturena, liqoqa amaphuzu amathathu amqoka kwiSwallows FC koweDStv Premiership ngoLwesithathu ebusuku, eDobsonville Stadium, eSoweto.
Kube ubuqhawe bukamgadli uCaleb Bimenyimana noKeagan Dolly obuweze iChiefs yize eshaye elokubika ekhaya kwiSwallows, uWaseem Isaacs.
UZwane uqale lo mdlalo ngoBimenyimana, Dolly, Ashley du Preez noKgaugelo Sekgota okuyinto engajwayelekile kodwa inkulumo yakhe ngemuva koweMTN 8 naMaZulu ngempelasonto, ikhombise ukuthi unenkinga ngokuyekwa kwamathuba abawakhayo.
Amakhosi afike kulo mdlalo ehambela phezulu kwazise agcine ewine ngo-2-1 kwiSuperSport United kwiligi kodwa indawo ka-10 kwi-log, aqale lo mdlalo ehleli kuyona, beyenza nawo awudinge kakhulu umphumela oncomekayo.
KwiSwallows, bekuyisimo esihlukile njengoba ifike enkundleni isuka ekunenebulweni iLamontville Golden Arrows ngo-4-0 ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeFifa.
IChiefs iwuqale kangcono lo mdlalo kuyiyona efika kulandelana ezintini zeSwallows kodwa imizuzu yokuqala engu-20, akukho obekukhombisa ukuthi iqembu lasekhaya lisengozini.
Seziyela ngasekhefini, iSwallows iyona ebisikhombisa izimpawu zokubonana kangcono kodwa nayo beyenza okufanayo neChiefs uma ifika kunozinti wayo, u-Itumeleng Khune.
Ngomzuzu ka-35, uBimenyimana ungqofele enethini igoli lakhe lesithathu kule sizini emuva kokuphakelwa uSekgota, obevele ewuhlupho ezitobheni zeSwallows.
Ucishe wakuphinda lokhu ngomzuzu ka-40, uBimenyimana ngesikhathi ehlangana noSekgota kodwa ibhola ladlula eceleni kwepali likaSanele Tshabalala, obevimbele iSwallows.
Kubonakele ukuthi uTshabalala ubevimbe okokuqala emuva konyaka engadlali esigabeni esikhulu ngesikhathi ephebezela enethini i-freekick, kaDolly ngomzuzu ka-45.
Esiwombeni sesibili, iSwallows igadlile ngekhanda lika-Isaacs, ngomzuzu ka-68, kwakhula ukuzethemba kuMusa Nyatama obesebhentshini okhiphe, uLindokuhle Mtshali, wafaka uMwape Musonda.
Ngalesi sikhathi iSwallows ibiqala ukuba inkinga njengoba kuvele ithuba kuWandisile Latlabika, ngekhanda kodwa washaya ipali nelinye elika-Isaacs.
Amakhosi aqhubekile nokumelana nakho konke obekuthunyelwa iSwallows kwaze kwaba umdlalo uyaphela.