USEHLWITHWE yiStellenbosch FC umdlali waMaZulu FC ovuthayo, uLangelihle Majola, osanda kuqokwa njengovelele kwi-Under 18 Engen Knockout Challenge ebiseThekwini ekuqaleni kwenyanga.
UMajola, obevele esedlala eqenjini loSuthu leDStv Diski Challenge (DDC), ushiye abantu bengawuvali umlomo kwi-Engen egcine idliwe yiwo AmaZulu.
Ukhale wemuka nomklomelo we-Player of The Tournament nowe-Midfielder of The Tournament.
Leli phephandaba lithole ukuthi uMajola usejoyine iStellies eKapa kwazise ubengenayo inkontileka noSuthu. Lokhu kwenzeka nje kusaphele amasonto ambalwa kuhambe ukaputeni weqembu leDiski uRijul Pillay naye othathwe yiStellies.
“UMajola usethathwe yiStellenbosch. Ubengenayo inkontileka neqembu. Baningi abadlali baMaZulu abasazohamba ngenxa yokuthi iqembu libudedengu ngendaba yezinkontileka ezithinta abadlali abasebancane,” kusho umthombo, ozazi zonke ezoSuthu.
Emaqenjini amaningi kwiDStv Premiership, abadlali abasebancane basayiniswa izinkontileka ezinde, ikakhulukazi abadlala kwiDiski Challenge.
Lokho kungoba lisuke libonakala ikhono labo.
Emuva kwenkulumo kamengameli woSuthu, uSandile Zungu, ngesikhathi iqembu liqeda ukunqoba i-Engen, bekungaba lula ukucabanga ukuthi abadlali abaqavile njengoMajola bazonikwa izinkontileka, bacijelwe isikimu esikhulu.
UZungu uthe: “Kubalulekile ukuthi laba badlali abahle bajwayele ukuwina futhi bajwayele ukuphakamisa izindebe ngoba bayingxenye yekusasa laMaZulu.
“Ngiyajabula ukuthi bawinile, bazoba yingxenye yeDDC esikhathini esizayo, bazoba yingxenye yesikimu esikhulu ngokuhamba kwesikhathi.
“Ngijabule ngendlela eyisimangaliso. Noma yimuphi umlandeli woSuthu uyabona manje ukuthi kuyiwaphi.
“Uma abafana abasencane abayikusasa leqembu sikwazi ukubagcina bedlala ndawonye, sithi uma siqinisa siqinise bekhona... (kuzolunga).
“Abanye bazoya phesheya, abanye bazoya kwamanye amaqembu kodwa uma iningi labo likwazile ukuhlala nathi, impela basazophela abantu.”
Ukuphunyukwa ngabadlali abasebancane koSuthu kuletha ukukhathazeka kubalandeli abakholelwa ekutheni kufanele lubagcine abadlali abanekhono ikakhulukazi oluzikhulisele bona.
Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, akaphumelanga obala ngendaba yokuhamba kukaMajola.
Uthe njengoba iqembu lisanda kwamukela umqeqeshi omusha futhi lilungiselela ukuqala kwesizini, bacela ukunikwa isikhathi sokuzicijela ukuqala kwesizini kahle.
Uthe bacela ukungajahwa ngokuthi baphawule ngabadlali.
Uphinde wathi ngesikhathi esifanele bazobazisa abalandeli babo nabezindaba ngezinhlelo njengokwejwayelekile.