Sekhukhune United (0) 2
Orlando Pirates (0) 0
BASALE bexabana bodwa abadlali be-Orlando Pirates ngesikhathi iSekhukhune United inyomfa izinhlelo zaleli qembu ngokunqoba umdlalo weDStv Premiership usuyophela ngoLwesibili ntambama, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Ngenxa yalo mphumela, iPirates iyeke ithuba lokusondela kwiMamelodi Sundowns esesicongweni se-log yeligi enkulu yaseNingizimu Afrika.
Amagoli okunqobe ngawo iSekhukhune avalelwe enethini wu-Elias Mokwana obesuka ebhentshini noVusimuzi Mncube, kulo mdlalo iPirates ewuqede ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaThabiso Monyane esiwombeni sesibili.
Unozinti wePirates, uRichard Ofori, usale elwa nozakwabo uDeon Hotto emsola ngokungamaki, okulandele wukuthi baphendulane, kucaca ukuthi imimoya iphezulu.
Kodwa lo nozinti odabula eGhana, uswele umgodi wokucasha njengoba elesibili kube yiphutha lakhe ezama ukujika, bamphuca ibhola.
Ukaputeni weSekhukhune, uLinda Mntambo, ubeqala ukubhekana nePirates kusukela imdedele ezinyangeni ezedlule kanti uTshegofatso Mabasa, obolekiswe (yiBucs) ubebhekene neqembu asemabhukwini alo.
Bekulindeleke ukuthi iPirates kube iyona engenisayo njengoba ibalwa namaqembu aqale kangcono kwiligi futhi ibuya emdlalweni omuhle ibhekene neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu weMTN8.
Okunye obekwenza amehlo abheke kakhulu okuzokwenziwa eZimnyama kulo mdlalo amazwi omqeqeshi wayo, uJose Riveiro, awasho ngaphambi komdlalo, lapho ethe babheke ukuyinqoba imidlalo yabo yango-Okthoba, ukuze bakwazi ukunciphisa igebe eliphakathi kwabo neSundowns esesicongweni ngamaphuzu awu-19.
Emizuzwini yokuqala engu-20, bekuyiPirates ebikhombisa izimpawu zokuhlangana kangcono kwavela nethuba lekhanda kuZakhele Lepasa, kodwa lamhlula.
Nakuba iPirates ibiwuphethe umdlalo, iSekhukhune ibilokhu iyikhumbuza ngama-freekick namakhona ngekhanda lika-Edwin Gyimah, ukuthi iyingozi.
Ngomzuzu ka-30, uMntambo ujikijele inguzunga yeshodi kodwa wayiqhwandela phezu kwamapali u-Ofori.
Ngokuhamba kwesiwombe, iPirates iqalile yehlisa, obekwenza kube iqembu lasekhaya osekuyilona elikhombisa izimpawu zokudlondlobala (kwagcina kuyiwe ekhefini).
Akukho zinguquko ezenzeke nhlangothi zombili ngesikhathi zibuywa kodwa okuqaphelekile ukuthi isiwombe sesibili siqale ngomfutho okuphele ngawo esokuqala.
UMntambo uphinde wagezwa u-Ofori ngomzuzu ka-55 evimba enye inguzunga kodwa ebiwumgundatshani. Kudlule imizuzu emithathu kwenzeke lokhu, uMonyane wakhishwa ngekhadi elibomvu kulandela ukuthola kwakhe elesibili eliphuzi.
Ngokubona ukuthi iyangokuya idlondlobala iSekhukhune, umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, ufake uBandile Shandu, Vincent Pule, Deon Hotto noKermit Erasmus, ekhipha uKabelo Dlamini, Paseka Mako, Ndabayithethwa Ndlondlo noLepasa.
Kubukeke sengathi kuyayiqinisa iPirates ukungena kwalaba badlali abane ikakhulukazi uHotto obecinga u-Erasmus ngamabhola amahle.
Yize bekunjalo ibiqhamuka iminyakazo yeSekhukhune ethusayo kwaze kwaba umzuzu ka-84, walishaya phakathi uMokwana ngaphambi kokuthi uMncube aqede amathemba ngelesibili ngoka-90.