KULINDELEKE ukuthi isinqumo seRoyal AM kube yisona esizocacisela uHappy Jele ukuthi uwabeka nini amakhokho ethala.
Lokhu kudalulwe yimenenja yalo mdlali, uJazzman Mahlakgane, engxoxweni ebe nayo ngempelasonto ngemuva kokubhaliswa kukaJele kwiPremier Soccer League (PSL) njengomdlali weRoyal AM.
UMahlakgane uthe uJele (36), usayine isivumelwano esizophela ekupheleni kwesizini ephezulu yeDStv Premiership ngoJuni.
Uqhube wathi inkontileka esayinwe umdlali wakhe kwiThwihli Thwahla inombandela wokululwa ngonyaka uma iqembu ligculisekile. Lesi sitobha besiqale ukuziqeqesha neRoyal AM ekuqaleni kukaFebhuwari.
UJele uhlukane ne-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini edlule. Ubesehlale kweZimnyama iminyaka ewu-16 futhi kuyilona kuphela iqembu aseke alidlalela esigabeni esikhokhelayo. Okubahlukanisile wukuthi uJele uveze ukuthi usazimisele ngokuyibamba enkundleni ekubeni iPirates ibisimzamela itoho ngaphakathi eqenjini.
UMahlakgane utshele Isolezwe ukuthi lo mdlali usesithathile isinqumo sokuthi iRoyal AM iyiqembu lakhe lokugcina. Uma kuphela okumhlanganisa nayo, uzothi khumu.
"Nokho kuzoncika ezintweni ezithile. Uma iRoyal AM inquma ukungahambisani nombandela wokuvuselela, lokho kuzosho ukuthi isizini ka-2022-23 ngeyokugcina uHappy ekhahlela ibhola. Uma iyivuselela kuzosho ukuthi uzoyeka ekupheleni kweka-2023-24. Esinesiqiniseko sakho ukuthi iRoyal AM yiqembu lokugcina elizodlalelwa uHappy. Asifuni ukuthi adlale esikhathi eside, agcine esiziqedela yena ugazi kubalandeli bakhe. Kuhle ukuthatha umhlala phansi usathandwa," kubeka uMahlakgane.
Emasontweni edlule, le menenja itshele Isolezwe ukuthi kunezingxoxo zokuthi uJele abuyele kwiPirates. Ithe uma lokhu kugcina kwenzekile ngeke esaba umdlali, uzonikwa omunye umsebenzi.
Akathandanga ukwenaba ngalolu daba ezeseka ngokuthi lusingethwe emazingeni aphezulu kweZimnyama.
UMahlakgane ebuzwa ngodaba lwePirates, uthe: "UHappy unomsebenzi osamhlalele kwiPirates. Ngesikhathi sekucaca ukuthi uzosayina kwiRoyal AM siyazisile. Ithe kayinankinga, uma esesithathile isinqumo sokuliyeka ibhola, amasango ayo izohlale iwavulile. Iyohlale ifana nekhaya lakhe. Mina kumele ngenze isiqiniseko sokuthi ngenza okufunwa wuye. Njengoba ebesafuna ukudlala bekumele ngimtholele iqembu.“
Maphakathi nodonga lwasemuva lweThwihli Thwahla, uJele ijezi uzolibanga noRicardo Nascimento, Lesego Manganyi, Sikhethele Mabuza, Thabo Lingwati noMbhazima Rikhotso. Kungena elikaNascimento (36), naye, nyakenye watshela leli phephandaba ukuthi le isizini ngeyokugcina eyibambile. Wathi uma iphela ubuyela kwelakubo eBrazil. Wafika kuleli ngo-2016, ezojoyina iMamelodi Sundowns ayishiye ngophambi kokuqala kweka-2022-23.